Sesha izithakazelo noma yini enye ofuna ukuyazi ekule-blog

Zulu

Izithakazelo zakwa-Zulu

Ndabezitha,
Zulu kaMalandela ngokulandela izinkomo zamadoda,
Zulu omnyama ondlela zimhlophe,
Wena kaPhunga noMageba,
Wena kaMjokwane kaNdaba,
Wena wenkayishana kaMenzi eyaphuza umlaza ngameva,
S'thuli sikaNdaba,
S'thuli sikaNkombane,
Wena kasihhawuhhawu siyinkondlo bayikhuzile ngoba ikhuzwe abaphansi nabaphezulu,
Wena kanogwaja omuhle ngomlenze,
Wena kaMbambelashoba,
Ndabezitha!

9 comments:

  1. ngithokoze kakhulu ngokufunda ngezithakazelo sesintu. imvelaphi yethu. sikhulela eGoli, okuningi asikwazi ngemvalaphi yethu. ngiyabonga. kakhulu! qhuba njalo wandise ulwazi.

    ReplyDelete
  2. Othi Mageba, wena wendlovu.

    ReplyDelete
  3. Ngicela izithakazelo zakwa zikhale

    ReplyDelete
  4. UNdabezitha no Mageba bashiyena kumbe yinto efanayo?

    ReplyDelete
  5. Mangabe kuyakhonakala,ngecela izithakazelo zakwaQwabe mangabe zikhona ezidlula lezi enizifake kulo lesayithi lenu

    ReplyDelete

IZINDABA - Usungazihlola ingculazi ekhaya

IZINDABA - Usungazihlola ingculazi ekhaya
Usungazihlola ingculazi ekhaya

Total Pageviews