Umlando Wesibongo SakwaMhlongo | Mhlongo surname history

Want a t-shirt or hoodie with your clans? click here to make your order on Whatsapp

Want a t-shirt or hoodie with your clans? click here to make your order on Whatsapp

Umlando Wesibongo SakwaMhlongo |  Mhlongo surname history


Abantu bakwaMhlongo imvelaphi yabo ayicaci kahle kodwa kusolwa ukuthi kukhona ukuxhumana okuthile nabakwaDlamini. OMhlongo babizwa ngokuthi ngabaseLangeni okuyisithakazelo sabo. Babakhe eMthinemide kwehlenjalo kubheke koMfanefile, eNtembeni, kuze kuyoshaya ngaseNingizimu neNkwalini.

Umlando wabantu bakaMhlongo mkhulu futhi baziwa njengabantu abavelela kakhulu futhi kubona kuzalwa amaqhawe namaqhawekazi. Sibathola beholwa nguMhlongo kaNqeshe kaSililo. UMhlongo wayengesiyona inkosana kaNqeshe kodwa inkosana kwakunguNzawu owavele washiya ikubo wayokwakha eMpaphala.

Kuthe sekushone uyise, uNqeshe, uNzawu wabuya ekhaya ngenhloso yokuzohlala esihlalweni sobukhosi. Kodwa-ke ngeshwa lakhe wathola ukuthi uzalo lwabe selukhethe uMhlongo ngoba bebemthanda kakhulu futhi sebemazi ngoba bebeveli behleli naye. Ukuthi bafuduke kanjani eSwazini, akuveli kahle kodwa ngathi bakanye nabantu bakwaNdwandwe. UNzawu bamxosha bamchapha ngezinhlamba, waphuma kabuhlungu wabashiya ebaleka eshiya nobukhosi obungobakhe.

UMhlongo wase ezala uBhengi. UBhengi-ke waziwa ngamagama amaningi okubalwa oBhebhe, kanye noDlomo. UBhengi uganwe nguMfundi kaKhondlo wakwaQwabe owafika wamzalela abantwana abathathu, uNxazonke, uMgabhi noNandi (indodakazi).

uBhebhe ushone washiya inksazane uNandi isencane, neyakhula ngaphansi kwesandla somnewabo uMgabhi owayakhe umuzi waseBozeni ngenhla komfula iMlovu. UMgabhi uzale uSongweni noMakhedama. Inkosazane uNandi izale uMlilwana (uShaka) ngemuva kokuba ihlangane neNkosi uSenzangakhona njengoba sazi sonke ukuthi kwenzekani phakathi kwabo. Kunesikole esiqanjwe uMgabhi ngoba kuhlonishwa yena.

Njengoba bese kushiwo ukuthi ukuvela kukaShaka kakuzange kwehle kahle kubantu bakwaMhlongo ngoba wayengagananga KwaZulu enkosini uSenzangakhona. Kuphinde kwaba nobuhixihixi waze wathola igama lendodana yakhe elithi nguShaka ngoba ngesikhathi emkhulelwe, uMntwana uMudli kaNkwelo waKwaZulu wathi uNandi akakhulelwe, uphethwe yibhungane elikhukhumalisa isisu kumuntu wesifazane. Lelo bhungane kuthiwa ishaka.

UMntwana uMudli wayethatha ngokuthi kwakungeke kwenzeke bakhulelisane ngoba babeyizihlobo ngoba uNandi wayezalwa kwaQwabe abakanye nabakwaZulu. Esezelwe kuthiwe nguShaka kodwa igama lakhe kwabe kunguMlilwana, kwabe sekuchuma leli likaShaka.

UShaka ekukhuleni kwakhe wayohlala eLangeni ngemuva kokungaphatheki kahle KwaZulu. UShaka wayenodadewabo uNomcobo. Nakhona eLangeni kabaphathekanga kahle, bahamba ngoba uShaka wayephethwe kabuhlungu nguMakhedama owayembiza iqanda lenjelwane futhi bembhinqa bembiza ngawo wonke amagama angasile. Bedlula nonina uNandi baya eMaMbedwini eMpaphala lapho uNandi wathola uMntwana uMngwadi kuGendeyana wakhona eMaMbedwini. Kuthe ngesikhathi uShaka esesihlalweni sobukhosi KwaZulu, uMakhedama waba ngomunye amkhumbulayo ngezinto ezimbi ayezenza kuyena esengumfana, wabe esehlasela isizwe sakwaMhlongo ukuphindisela ubuhlungu abuzwiswa ebunganeni bakhe.

tags: mhlongo origion, mhlongo history, mhlongo tribe, mhlongo izithakazelo
source: ulwazi.org
Bayede!

Previous Post Next Post