Izithakazelo nemvelaphi yabantu bakwaChili

Want a t-shirt or hoodie with your clans? click here to make your order on Whatsapp

Izithakazelo nemvelaphi yabantu bakwaChili (ngosizo lwe-ulwazi.org)

Mthuyi,

Mnguni!

Qwabe kaNozidiya,

Khuzwayo! Mlamlankunzi

Ungaziyeka zibulalane

Mthatathu kaGumede,

Nin’ eniguvuzela umuntu ngehemu lakhe.

Isigogo esisind’ abatshathi.

Donga olulal’ amankentshane

Nina bas’ Ongoye.

Mbuse, Malinda

Lushaba

Ntseka

Wena owashaya insimbi ngomlenze.

Mgcwalisi wethusi,

Kholose, Ngwenya

Madlangalusuku abafokazana abadla nsukwana zonkana

Nin’ enakhahlel’ udonga kwavuleka indlela.

Nin’ enehla ngesilulu maqede kwavel’ ilanga.


Nanku umlando wabo nemvelaphi yabo kafuphi:

Imvelaphi yabantu bakwaChili ibakhomba kubantu bakwa Qwabe abangoGumede bona abaziwa njengamaNtungwa-Nguni ngokwezigaba kumaNguni.

Bona baphuma kwinzalo kaSilimana owathola igama likaChili ngenxa yokuthi ngelinye ilanga kunenqina lapho amadoda ephumile ukuyozingela, kwathi uma kuvuka inyamazane, uSilimana wayihlaba kuqala. Inxeba alishaya kuleyonyamazane layigingqa phansi yalala yathi ja. Enye yamadoda ayelapho yakwaQwabe yathatha igazi yalibhixa ngemuva kwayo inyamazane leyo. Kwaba nombango yilowo nalowo ethi ngeyakhe, uzigwazele. Kwase kuthiwa uSilimana makakhombe lapho ayigwaze khona, wakhomba lapho kwakunegazi elalinindiwe khona enye indoda. Bonke ababelapho bakhuza bathi uyachiyiza ilumbo, akunanxeba, ukhuluma ichiyo.

Kusukela lapho ke wabe esebizwa ngoChili. nozalo lwakhe lwabe seluba olukaChili. UChili wazala uFamanda, uFamanda wase emzalela uThongo. Lesisizukulwane sase sona sizala uMacala owayeyisoka lamanyala, owayeganwe ngamakhosikazi ayisikhombisa futhi enemfuyo eningi. Kulamakhosikazi kwakunondlunkulu wakhe okwabe kunguKaBhulashe Khumalo, bese ke kuba ngukaNgobe Mthembu. Inkosana undlunkulu wayo uMaMbhele.

Ekukhothameni kwakhe, uzalo lwaqoka umnawakhe okwabe kunguMnukwa ukuba abe yinkosi kodwa wenqaba uMnukwa ngezizathu ezithize azibeka. Ezinye zezaba azibeka kwabawukuthi ubukhosi buyakhulumisa, ngenxa yokuthi akathandi ukukhuluma, wase ecela ukuhoxa kulesosicelo ababesenza kuyena. Wakhala nangokuthi isizwe asikwazi ukuholwa umuntu okhonze amanzi amponjwana njengaye. Wenza isiphakamiso esiyisicelo ukuthi kungani bengabheki emadodaneni akhe ngoba nawo ayesekhulile. Leso siphakamiso sathathelwa phezulu kwase kuthi ke enye yamadodana akhe ogama layo nguBatili yagcotshwa ukuba ibe yinkosi.

UBatili wazala uMhlabeni noNkeshi, kwathi uMhlabeni wathi lapho esekhulile, wavele waqalwa ukugula ngenqgondo okwagcina uzalo selunqume ukuba kungene uBiziwe kaMnengwa owabe ezalwa ekhohlo likaMacala ukuba abambele uMhlabeni. Lapho-ke sithi uma siphenya kumlando , usivezele ukuthi ikhohlo kalibusi noma kaliyizali inkosi kodwa liyakwazi ukuzala iphosakubusa.

Ubukhosi nabo-ke babuye basuswa kulendlu baya eqadini okwabe kuyindlu kaMaDlula. IQadi phela ngokwesiko yilona elizala inkosi uma indlunkulu ingayitholi kwazise liyingane yendlunkulu ngokwesiko lesiNguni. Ubukhosi babe sebuyowela endlini kaMtitinywa kaMacala. Lona phela kwaku wuzalo lukaMnengwa kaMacala luyatholakala kwesakwaNgcolosi eMngeni kanti isizwe sonke sakwaChili nobukhosi baso sitholakala laphaya eNdwedwe. Izwe labo laziwa ngokuthi yikwaGumede.


Nansi indlela abazalwa belamane ngayo:

USilima (Chili) wazala uFamanda wazala uThongo yena owazala uMacala, uMacala wazala uZokufa, uKuyana (indodakazi) noMnukwa kuMaKhumalo. UMnukwa wazala uBatili, uBatili wazala uMhlabeni, uNkeshe, uNobelungu noNozigodo. KuMaKhumalo uMacala wazala uNhliziyo, uMziyonke, uMnengwa noThengizwe. UMnengwa wazala uMvube, uShokwakhe, uMadoda, noCupha. UMziyonke wazala uMvama, uMxhegu, uNkantolo, nabanye. KuMaDludla uMacala wase ezala uMtitinywa, uMaliba, uBafayo, noZiphelile (indodakazi). UMtitinywa wazala uNdoko (Isaya Zibokwakhe) yena ozala iNkosi Wislon Makhehlana Chili okuyiyona ebusayo noJabulani. KuMaNgcobo; uMaCala wazala uMaphupho, kuMaGumede wazala uMphamba, uMphamba wazala uGiga noBhekizitha.

Bayede!

Previous Post Next Post