Ziyini iziphicaphicwano?

Want a t-shirt with your clans? click here to make your order on Whatsapp

Ziyini iziphicaphicwano?



Lolu hlobo lwenkulumo olusangxoxo yokuzijabulisa nokuchitha isizungu, kwabadala nakwabancane. Iziphicaphicwano zehlukene kabili.


Kukhona ezinde kubuye kubekhona ezimfishane. Kulesi sizinda kubakhona umphici kanye nabaphicwa.

Umphici uyaye athi ‗ngikuphicaphica‘ ngomuntu wami owenza lokhu enze lokhu esho izinto ezenziwa yilowo muntu wakhe.

Kuthatha isikhathi ukumqagela lo muntu ngoba kufuneka umphicwa acabangisise esizwa yilezi zinto okushiwe lo muntu uyazenza.

Akuvamile ukuba kuthi kuqala nje umphicwa ebe eyihlaba esikhonkosini kodwa uya lena abuye aye lena agcine eshaye emhlolweni.

Iziphicaphicwano, izinganekwane kanye nemilolozelo kuyimizamo yokukhulisa imiqondo yabantwana. Iziphicaphicwano njengazo izinganekwane zingumdlalo wasebusuku owenzelwa endlini kagogo, kwenziwa ebusuku ukuze kungabibikho misebenzi ethikamezekayo.

Ezinye iziphicaphicwano zindala kanti ezinye zintsha. Iziphicaphicwano zilusizo ekufundiseni abantwana ukucabanga masinya. Zingumdlalo wokuchitha isizungu.

Isiphicaphicwano: Ngikuphica ngomngani wami othembekile ongamshiya lapha uphinde umfice khona.
Impendulo: Itshe.

Isiphicaphicwano: Ngikuphica ngomngani okuculela kamnandi kanti ufuna ukukulimaza.
Impendulo: Umiyane.

Isiphicaphicwano: Ngikuphica ngenkunzi yami ebomvu ehlala esibayeni esenziwe ngamatshe amhlophe.
Impendulo: Inkunzi ebomvu ulimi. Isibaya esenziwe ngamatshe amhlophe amazinyo.

Isiphicaphicwano: Ngikuphica ngenkosikazi ethanda ukugiya, igiya ize ibuye emnyango.
Impendulo: Umshanelo.
Bayede!

Previous Post Next Post