Sthandwa sami samaphupho

Want a t-shirt with your clans? click here to make your order on Whatsapp




Ngixolise uma kuyiphutha ukuhluleka ukubekezela.
Ngithi angikubhalele lencwadi kwazise sesiside les'khathi ngihleli ngilindile ngidliwa umzwangedwa.

Selokho ngagqolozela intshonalanga ngilinde ukushona kwelanga ngazi ngani mhlampe wena ungumafika kushona ilanga.

Ufikile kimi ngephupho ukhophozela sibizana ngo bbe ngizwe kugijima igazi ng'ykuthembisa oyokuthinta kochitheka igazi.

Ng'yazi angikaze ngikubone sikhulume siyixoxe lendaba sijabule kodwa ngemicabango siyazithamunda ngikubone nangamehlo engqondo.

Ngathi seng'yabona sunyathela emagcekeni asekhaya kwazise unyathela ngabantwana phela wena uyilembali eqhakaza ingabuni.

Wena uyilento engithi mang'yicabanga kwehle izinyembezi zothando.
Sengathi ngakuthanda ngingakazalwa namanje ngisakuthanda futhi uyohlale ungothandiweyo wami.

Sengikhathele ukuwa ngivuka ngiphathwe nayikhanda ngenxa yokungqubuzana kwemicabango namaphupho enginawo ngawe sengifuna ukuba nawe themba lami.

Ngiyathemba la ukhona lencwadi izofinyelela, uze ungisize uyifundisise.
Bayede!

Previous Post Next Post