Izaga

Ngezansi izaga nezincazelo zazo.
IsagaIncazelo
Imbila yeswela umsila ngokulayezela∼Ungaze wathemba abanye ukuthi bakwenzele imisebenzi eqondene lawe.
Abantu abayi ngandawonye bengemanzi∼Abantu abavumelani bonke ngento eyodwa.
Akukho ndlovu yasindwa umboko wayo∼Akekho umuntu ohlulwa umthwalo wakhe.
Akukho thusi lathetha lilodwa∼Akekho umuntu onganengwa engaqalwanga.
Akukho zinyane lemboma ladliwa yingwenya kwacweba isiziba∼Uma uzwise omunye umuntu ubuhlungu noma umbulale, ngeke ukuthole ukuphumula abakubo nabangani bakhe bazomphindiselela.
Akuqhude lasindwa umzwezwe∼Akekho umuntu ohlulwa umthwalo wakhe.
Akuvelwa kanyekanye kungemadlebe embongolo∼Abantu abaphumeleli kanyekanye.
Amathanga ahlanzela abangenamabhodwe∼Izinto ezinhle ziya kwabangazidingi noma kwabangakwazi ukuzisebenzisa ngendlela okuyiyo.
Ayikho inkomo yobuthongo∼Impumelelo iyasetshenzelwa.
Bahlangene phezulu kanti phansi bangamahele∼Benza sengathi bayezwana futhi akukho okungangena phakathi kwabo kanti bahubhuza amanga.
Enethunga kayisengeli phansi∼Umnini wento akahlupheki ikhona.
Engakhali ifela embelekweni∼Uma ungazibiki, ukhulume ngenkinga yakho ngeke ubonakale futhi ngeke uzwakale.
Ibhizela labulala indlovu∼Umuntu uyalinyazwa nayinto yena athi ayilutho.
Ikhiwane elihle ligcwala izibungu∼Into enhle ngaphandle ijwayele ukuba nobubi ngaphakathi.
Ilelo nalelo nkankane aliyodla umsundu wangakubo∼Ilowo nalowo muntu kumele ayozizamela ngakubo.
Imiphanda ibulawa izakhelani∼Abantu abakhelene noma abangabangani abajwayele ukulimaza abantu.
Impi isesendeni∼Kuxabele abantu abazalanayo, bandoda nye.
Induku enhle igawulwa ezizweni∼Intombi noma umakoti omuhle umthola kude noma ekuhambeni.
Ingwe idla ngamabala∼Umuntu uzenza yena ukuthi athandeke ngezenzo nangemisebenzi yakhe.
Inja yawaqeda ngolimi∼Kancane kancane koze kulunge.
Inkomo ingazala umuntu∼Ngeke kwenzeke lokho.
Inkonjane iwele enkundleni∼Umuntu oliqili ubhajwe ebuqilini bakhe.
Inkonjane yakhela ngodaka∼Umuntu owenza okuhle kumele abekezele ngisho kunzima angalilahli ithemba.
Intendele ibindwe isidwa∼Ukuhlakanipha kuphelele ezeni.
Intendele iwel'enkundleni∼Inhlanhla izizele.
Into yomuntu umhluzi wempisi∼Ungabothembela entweni yomuntu noma yokwebolekwa.
Inxeba lendoda alihlekwa∼Ungabomhleka umuntu uma esenkingeni noma evelelwa okubi ngoba kusasa kungawe.
Iqaqa alizizwa ukunuka∼Umuntu akasiboni isici noma ububi bakhe.
Isalakutshelwa sibona ngomopho∼Umuntu ongalaleli iziyalo, noma ekhuzwa ubona ngomphumela omubi noma oyingozi.
Isilo siyawafinyeza amazipho∼Umuntu onamandla noma ohlakaniphile ngeke umthole ehamba ezikhukhumeza ngalawomandla nenhlakanipho yakhe.
Kazi iyozala nkomoni∼Kazi kuyokwenzakalani noma umphumela uyoba njani.
Kubambene ingwe nengonyama∼Kuxabene noma kubhekene abantu abanamandla alinganayo.
Lapho kukhona isidumbu ilapho kukhona amanqe∼Uma umuntu esenkingeni ilapho abantu abasizakala khona ngaye.
Libheke uligcine∼Osongela omunye ngokumbulala.
Lixhoshwa libhekile∼Iphutha lenzeka noma uqaphele.
Nalapho kungekho qhude kuyasa∼akusho ukuthi lowo ozigqajayo uma eke wahamba kokwenziwayo kuyokuma izinto, kuyohamba kahle ngisho engasekho.
Siyoze sihlangane okhalweni lwezimpungushe∼Usongo, siyoze sitholane la esiyodelisana khona, ngokulwa imvamisa.
Sobohla Manyosi∼Uyophela umbuso.
Ukhamba lufuze imbiza∼Ingane ifuze umzali wayo.
Umenzi uyakhohlwa kodwa umenziwa akakhohlwa∼Umuntu osuke enze okubi komunye uyashesha ukukhohlwa kodwa lo osuke enziwe okubi akakhohlwa neze.
Umkhumiso usulingene izintondolo∼Okusele sekulingene abanikazi bakho.
Umthente uhlaba usamila∼Isimilo noma ithalente lomuntu livela esesemncane.
Ungakhulumi ngobhejane kungekho sihlahla eduze∼Ungazifaki enkingeni kungenasidingo nasisombululo.
Ungayishayi ingede ngoju∼Uma wenzelwe okuhle kumele ubonge.
Usifumbu ubona uqhaqhazela∼Ubona isici somunye kodwa nawe ube unesakho.
Yinkukhu nempaka∼Ubutha obukhulu lapho abantu bezondelana ukubulalana.
Yimpi yakwamabon'abulawe∼Umuntu oyingozi owesatshwa njengenyoka.


Ezinye izaga zizokwengezwa kulezi ezingenhla ngokuhamba kwezinsuku, uqhubeke ubheke.