Umlando

Abantu Abampisholo eBhayibhelini

Ekuqaleni komhlaba u-Abraham wayeyisizukulwane sikaKush noNimrod.



INZALO ka-Abraham yayikhonza uHorus, ababemthatha ngokuthi yiNdodana kaNkulunkulu. Kukhona inzalo yamaJuda eyathi nxa izwa ngoJesu yabona kungukugcwaliseka kwesipholofetho esasenziwe ngamaKush ayekhonza uHorus.

Kuvela ukuthi inzalo ka-Abraham yaqhamuka enhla nomfula iNile. Kuyacaca ukuthi aqinisile amaKemet uma ethi wona aqhamuka esizalweni somfula iNile.
Umbuso wasendulo wamaKush wawuzinze lapho kuhlangana khona imifula emithathu: iNile eLuhlaza, iNile eMhlophe kanye ne-Atbara, okuyindawo namhlanje ebizwa ngeSudan. Lo mbuso wawa washabalala ngezikhathi zama-350 AD.  Kusukela kule ndawo eminyakeni engaphezu kwezi-10, 000, isizwe samaKush sasakazeka umhlaba wonke, behamba bakha imibuso bebeka amakhosi endabuko. Izindawo ezifana noLevant, oMesopotamia, namamaphakathi nezwe lase-Asia, enkabazwe yase-Afrika, nakoNigeria, amaKush ayehamba akha imibuso njengesizwe sokuqala emhlabeni.
Isizwe samaKush sasixube iNingizimu yeKemet (Gibhithe), iSudan, iTopiya, iPunt (Somalia) kanye nendawo eyakhelene noLwandle Olubomvu (Red Sea).  Yikho lokhu kusondela neKemet (iGibhithe) okwenza ukuba iNkosi yamaKush, iNkosi uPiye ahlasele iGibhithe ayehlule.

Ngenxa yobudala bamaKush emhlabeni, umuntu angemangale uma kuyibo laba okuthiwa bafika kuqala eMelika kunoColumbus. Ngaphambi kokuba izizwe ezikhona namhlanje zethiwe amagama azo, izindawo zamaKush zaziphethwe ngamakhosi endabuko.
Ngokwemibhalo eqoshwe emadwaleni eyatholakala e-Afrika naseNtshonalanga ye-Asia, amaKush ayebizwa ngamagama amaningi, kuxubana negama elithi ‘Topiya’. Imibhalo eyatholakala eSumaria, nayo eyayiqoshwe emadwaleni, kuthiwa amaKush ayebizwa ngamaMeluha-Kasi. Ngokomlando igama elithi ‘Meluha’ lalisho indawo okwakungeyabantu ababehlala eNubia, e-Arabia naseNtshonalanga ye-Afrika.

UGenesis 10 usitshela ukuthi ubaba kaDedan wayebizwa ngoRaamah, owayeyindodana kaKush. URamaah noNimrod kwakungamadodana okuqala kaKush ayewathole emakhosikazini akhe. Enzalweni kaRamaah noDedan kuqhamuka abantu abaxube ama-Afrika kanye nama-Arab, kanti kuNimrod kuqhamuka inzalo exube ama-Afrika namaNdiya.

Okunye okuvelayo ngemvelaphi yamaKush ukuthi avela e-Afrika, njengoba kulandisa uMary McDonald, othi intuthuko yamakhosi endabuko aseKemet, oFaro, yakhelwa phezu kwentuthuko nosikompilo lwase-Afrika. Okunye akutholayo kwaba wukuthi ukufuywa kwezinkomo kwaqala maphakathi ne-Afrika ngaphambi kokuba kufikwe eKemet.

USolwazi uFekri Hassan waseNyuvesi YaseLandani ukholwa ngukuthi ucwaningo lukaMary lungumsebenzi ojulile futhi obalulekile, ngenxa yokuthi ungumnikelo omkhulu ekukhombiseni ukuthi intuthuko yaqala eKemet, nayo iKemet iyithathele eNingizimu nezwe lase-Afrika.
Izincwadi zasemandulo ezabhalwa ngochwepheshe baseNdiya ziveza ukuthi emlandweni wokudabuka kwesintu kwakukhona amaKush abusa emhlabeni iminyaka engaphezu kwezi-7 000. Abanye ababhali babalula ukuthi amaKush asukela ezikhathini zezihlambi zemvula zikaNoah kuze kuzofika ku-Abraham, owayengumphrofethi wamaJuda namaMuslim.

AbaseKemet nxa bebiza amaKush babethi ‘K-sh’; amaHebheru wona ethi ama‘Kush’ (Kushites); amaSudan wona ethi ama’Kushiya’. Kuyavela ukuthi laba bantu ababebizwa ngokuthi ngama’Horites’, babekhonza uHorus, ngokobuzwe babo, babebabiza ngokuthi ngamaKush noma ama-Arab axube ubu-Afrika.

Ukuthi amaKush ayebuye abizwe ngamaTopiya kuchaza kona ukuthi amaTopiya madala kakhulu e-Afrika. Okwesibili, ukuthi njengoba amaKush ayehlala eNubia, njengoba abeNguni bevela khona, kungenzeka ukuthi abeNguni, okuxuba kuwo amaZulu, banegazi lamaKush.