Izithakazelo zakwa Goqo, Goqo Clan Names, Goqo Clan Praises

Izithakazelo zakwa Goqo, Goqo Clan Names, Goqo Clan Praises
Ndaba,
Mwelase ongaweli ngazibuko owela ngezimpambosi zomfula,
Nomvikela kaNokulamba kaDelwa,
Sobahle, Dubandlela
Ndongadilika kuphuz'izimpohlo,
Godo olungahlalwa nyoni oluhlalwa amankankane kuphela,
Amalala amahle alalanomunwe endunu avuka awuncinda akhomba ilanga,
Lwembu olumahwatha othi ungaluthinta luhwathabale!
Previous Post Next Post