Izithakazelo zakwa Hadebe, Hadebe Clan Praises, Hadebe Clan Names

Izithakazelo zakwa Hadebe, Hadebe Clan Praises, Hadebe Clan Names
Bhungane,
Bhungane kaNsele,
Zikode, Gob’izembe,
Makhulukhulu, Mehlomakhulu,
Umkhulu Bhungane,
Ziyengane eziyeng’umuntu, zimyenga ngendaba,
Mthimkhulu,
Mashiya amahle, amade anjengawenyamazane,
Mafuz'afulele njengelifu lemvula,
S'goloza esimehlo abomvu esibheka umuntu kube sengathi siyamujamela,
Ndlubu zamil’ebubini, ngoba zesab’ukwehlela,
Ingab’emhlabeni zesabani?
Nina enindlebe zikhanya ilanga,
Nina enindlebe zinhle zombili,
Nina bosiba olude olungakhothami endlwaneni kodwa kwezinde luyakhothama,
Nina bomagawula imithi emincane emikhulu ivele iziwele,
Mahlubi amahle,
Nina maHlubi anzipho zimnyama ngokuqhwayana,
Mashwabadela owashwabadela inkomo kanye nezimpondo zayo,
Ngelengele!
Previous Post Next Post