Izithakazelo zakwa Khanyile, Khanyile Clan Names, Khanyile Clan Praises

Want a t-shirt with your clans? click here to make your order on Whatsapp

Izithakazelo zakwa Khanyile, Khanyile Clan Names, Khanyile Clan Praises

Sothole,
S'tshopo,othi udl'inkomo kanti udl'impisi,
Umashaya umuntu aphindele lapho aphuma khona,
Odl'isinkwa esinothotho,
Mahamba kancane Sogodi,
Phondo olukhulu elavuma kwavuma amadoda,
Shalashala elihle elithukuvuma ukulandula,
Ntunjwa kaLanga,
Mthiyane,
Ndwandwe,
Zikode, Mabhuqa,
Ngwane,
ULanga ongenandlebe angaba nendlebe weza nonina,
Inhliziyo eyasala ezaleni kwasa bayicosha ngakusasa!
Previous Post Next Post