Izithakazelo zakwa Luthuli, Luthuli Clan Names, Luthuli Clan Praises

Izithakazelo zakwa Luthuli, Luthuli Clan Names, Luthuli Clan Praises
Mshibe,
Madlanduna,
Abadl'insikazi belambile,
Ngoze ngikwenze owangenza khona,
Nina eningawadl'amasi ningawanikiwe,
Nesab'amas'ehla ngendololwane,
Nina bakwaMashiza,
Ndlwan'enhle,
Sigencagenca mbaz'ebukhali,
Malal'aqhamuke ngezansi,
Zingwazi ezidla inyama abanye bedl'inyamazane,
Mavel'enkomeni abanye bevel'ebantwini,
Luthuli lwezinkomo,
Mshibe kaNonopha,
Mshibe kaMakhiph'inj'efukwini kuzalele yena,
Donda!
Previous Post Next Post