Izithakazelo zakwa Mhlongo, Mhlongo Clan Names, Mhlongo Clan Praises

Izithakazelo zakwa Mhlongo, Mhlongo Clan Names, Mhlongo Clan Praises
Makhedama,
Soyengwase,
Nina bakaBhebhe kaMthendeka,
Nina bakaSoqubele onjengegundane,
Nina baseSiweni,
KwaMpuku yakwaMselemusi,
KwaNogwence webaya,
Dlomo weNdl'ende,
Sihlangu samavaka seswel'ababhemu,
Wen'owalala nomunw'endunu, wavuka wawuncinda wawukhomb'ilanga,
Makhul'emini abafokazana bekhul'ebusuku,
Zingwazi zempi yakwaNdunu,
Njoman'eyaduk'iminyakanyaka,
Yatholakal'onyakeni wesine,
Yabuye yatholakala ngowesikhombisa,
Langeni,
Owavel'elangeni!
Previous Post Next Post