Izithakazelo zakwa Mncube, Mncube Clan Names, Mncube Clan Praises

Izithakazelo zakwa Mncube, Mncube Clan Names, Mncube Clan Praises
Khambule,
Mzilankatha,
Inkatha kayingen'endlini,
Yangena kubola izinkaba zabantwana,
Nina bakaNkomo zilal'uwaca,
Ezamadojeyana zilal'amankengana,
Mlotshwa,
Malandel'ilanga umaliyoshon'emaNcubeni,
Mpangazitha, Magasolo,
Nina basebuhlen'obungangcakazi,
Abadl'embeleni wenkomo kungafanele,
Kwakufanel'udliwe ngabalandakazi,
Nina bakaDambuza Mthabathe,
Nina basemaNcubeni enabalekel'uShaka naziphons'emfuleni,
Kwakhuz'abantu benifihla,
naphenduk' abakaKhambule,
Nafik' eSwazini naphenduk'uNkambule,
Msuthu,
Mncube onsundu ngezinyawo zakho,
Wen'oyithath'iNkosi uyibek'enhlabelweni,
Nina baseSilutshana,
Nin'enakhelana noMbunda,
Nina bakaMaweni,
Nzimande,
Mncaphayi, Shezi,
Malangatsha!
Previous Post Next Post