Izithakazelo zakwa Sibiya, Sibiya Clan Names, Sibiya Clan Praises

Izithakazelo zakwa Sibiya, Sibiya Clan Names, Sibiya Clan Praises
Ndaba,
Gumede
Sibiya ngenkomo, abafokazana bebiya ngamahlahla,
Nina bakwankom'isengelwa emaweni,
Ingasengelw'esibayeni akuyon'eyakhona.
Gumede kaNdaba,umanyelela njengentombi iy'esokeni,
Mkhananda owafinyelela kubalondolozi,
Wemuka noGodokazi way'eMfolozi.
UHhiya kwabanani,
Okwaphwekwa esendlini,
Kwaze kwephulwa esendlini,engazange afe ukufudumala,
Mgxebe!
Khathi!
Nina bakaSotobe kaMpangalala!
Previous Post Next Post