Bhengu | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Bhengu

Ngcolosi!
Wena wakwaDlabazane,KaNgwane,
KaNephu kaLamula,
Nyawo zigezwa ngamazolo,
Nina enivuka nixubhe ngelala,
Shongololo,
Wathi uyalithinta lahwaqabala,
Ngabe siyakudla sesab'imilenzelenze,
Nyawo zeshongololo kaziphumuli,
Sigampu,
Ngwane, ingwani ngwadi,
Abayibone ngesond'ukuthi iwelile,
Jali,
Nina enilala nomunwe,
Nivuke nikhwif'ilanga,
Mmemezi kaHlangabeza,
Ngcolosi!

14 comments:

  1. ZINHLE IZITHAKAZELO ZENU LIKE IT

    ReplyDelete
  2. O Ngcolosi ngiyasithanda lesi bongo

    ReplyDelete
  3. Aibo Hlongwane noBhengu bahlobene????

    ReplyDelete
  4. ngizwa kuthiw obhengu bahlobene no nhleke ngabe kuyiqiniso yini lokhu,kanjani?

    ReplyDelete
  5. Njengoba kuyaye kuthiwe abakwaBhengu bazalwa kwaDlamini, ngicela ukubuza bazalwa yimuphi uDlamini? uShongololo uzalwa nobani abafowabo? Yena uzale ma
    phi amadodana?

    ReplyDelete
  6. @Siyabonga Mviko, OBhengu insila yabo idabuka kubantu bakwaDlamini nabakwaLuthuli.UBhengu Dlamini wayeyindodana yenkosi yaseSwazini. Indodana kaBhengu kwakunguNgwabile Bhengu kwaya kuDlabazane. Indodana kaDlabazane kwakunguSihi owazala uSongololo. USongololo wazala uLamula yena wazala uNgwane owazala uMepho.
    Ngiyathemba uphendulekile.

    ReplyDelete
  7. Yithi ke labo Ngcolosi

    ReplyDelete

Total Pageviews