Ngezansi izaga nezincazelo zazo.
  
  
Ezinye izaga zizokwengezwa kulezi ezingenhla ngokuhamba kwezinsuku, uqhubeke ubheke.
| Isaga | Incazelo | 
|---|---|
| Imbila yeswela umsila ngokulayezela | ∼Ungaze wathemba abanye ukuthi bakwenzele imisebenzi eqondene lawe. | 
| Abantu abayi ngandawonye bengemanzi | ∼Abantu abavumelani bonke ngento eyodwa. | 
| Akukho ndlovu yasindwa umboko wayo | ∼Akekho umuntu ohlulwa umthwalo wakhe. | 
| Akukho thusi lathetha lilodwa | ∼Akekho umuntu onganengwa engaqalwanga. | 
| Akukho zinyane lemboma ladliwa yingwenya kwacweba isiziba | ∼Uma uzwise omunye umuntu ubuhlungu noma umbulale, ngeke ukuthole ukuphumula abakubo nabangani bakhe bazomphindiselela. | 
| Akuqhude lasindwa umzwezwe | ∼Akekho umuntu ohlulwa umthwalo wakhe. | 
| Akuvelwa kanyekanye kungemadlebe embongolo | ∼Abantu abaphumeleli kanyekanye. | 
| Amathanga ahlanzela abangenamabhodwe | ∼Izinto ezinhle ziya kwabangazidingi noma kwabangakwazi ukuzisebenzisa ngendlela okuyiyo. | 
| Ayikho inkomo yobuthongo | ∼Impumelelo iyasetshenzelwa. | 
| Bahlangene phezulu kanti phansi bangamahele | ∼Benza sengathi bayezwana futhi akukho okungangena phakathi kwabo kanti bahubhuza amanga. | 
| Enethunga kayisengeli phansi | ∼Umnini wento akahlupheki ikhona. | 
| Engakhali ifela embelekweni | ∼Uma ungazibiki, ukhulume ngenkinga yakho ngeke ubonakale futhi ngeke uzwakale. | 
| Ibhizela labulala indlovu | ∼Umuntu uyalinyazwa nayinto yena athi ayilutho. | 
| Ikhiwane elihle ligcwala izibungu | ∼Into enhle ngaphandle ijwayele ukuba nobubi ngaphakathi. | 
| Ilelo nalelo nkankane aliyodla umsundu wangakubo | ∼Ilowo nalowo muntu kumele ayozizamela ngakubo. | 
| Imiphanda ibulawa izakhelani | ∼Abantu abakhelene noma abangabangani abajwayele ukulimaza abantu. | 
| Impi isesendeni | ∼Kuxabele abantu abazalanayo, bandoda nye. | 
| Induku enhle igawulwa ezizweni | ∼Intombi noma umakoti omuhle umthola kude noma ekuhambeni. | 
| Ingwe idla ngamabala | ∼Umuntu uzenza yena ukuthi athandeke ngezenzo nangemisebenzi yakhe. | 
| Inja yawaqeda ngolimi | ∼Kancane kancane koze kulunge. | 
| Inkomo ingazala umuntu | ∼Ngeke kwenzeke lokho. | 
| Inkonjane iwele enkundleni | ∼Umuntu oliqili ubhajwe ebuqilini bakhe. | 
| Inkonjane yakhela ngodaka | ∼Umuntu owenza okuhle kumele abekezele ngisho kunzima angalilahli ithemba. | 
| Intendele ibindwe isidwa | ∼Ukuhlakanipha kuphelele ezeni. | 
| Intendele iwel'enkundleni | ∼Inhlanhla izizele. | 
| Into yomuntu umhluzi wempisi | ∼Ungabothembela entweni yomuntu noma yokwebolekwa. | 
| Inxeba lendoda alihlekwa | ∼Ungabomhleka umuntu uma esenkingeni noma evelelwa okubi ngoba kusasa kungawe. | 
| Iqaqa alizizwa ukunuka | ∼Umuntu akasiboni isici noma ububi bakhe. | 
| Isalakutshelwa sibona ngomopho | ∼Umuntu ongalaleli iziyalo, noma ekhuzwa ubona ngomphumela omubi noma oyingozi. | 
| Isilo siyawafinyeza amazipho | ∼Umuntu onamandla noma ohlakaniphile ngeke umthole ehamba ezikhukhumeza ngalawomandla nenhlakanipho yakhe. | 
| Kazi iyozala nkomoni | ∼Kazi kuyokwenzakalani noma umphumela uyoba njani. | 
| Kubambene ingwe nengonyama | ∼Kuxabene noma kubhekene abantu abanamandla alinganayo. | 
| Lapho kukhona isidumbu ilapho kukhona amanqe | ∼Uma umuntu esenkingeni ilapho abantu abasizakala khona ngaye. | 
| Libheke uligcine | ∼Osongela omunye ngokumbulala. | 
| Lixhoshwa libhekile | ∼Iphutha lenzeka noma uqaphele. | 
| Nalapho kungekho qhude kuyasa | ∼akusho ukuthi lowo ozigqajayo uma eke wahamba kokwenziwayo kuyokuma izinto, kuyohamba kahle ngisho engasekho. | 
| Siyoze sihlangane okhalweni lwezimpungushe | ∼Usongo, siyoze sitholane la esiyodelisana khona, ngokulwa imvamisa. | 
| Sobohla Manyosi | ∼Uyophela umbuso. | 
| Ukhamba lufuze imbiza | ∼Ingane ifuze umzali wayo. | 
| Umenzi uyakhohlwa kodwa umenziwa akakhohlwa | ∼Umuntu osuke enze okubi komunye uyashesha ukukhohlwa kodwa lo osuke enziwe okubi akakhohlwa neze. | 
| Umkhumiso usulingene izintondolo | ∼Okusele sekulingene abanikazi bakho. | 
| Umthente uhlaba usamila | ∼Isimilo noma ithalente lomuntu livela esesemncane. | 
| Ungakhulumi ngobhejane kungekho sihlahla eduze | ∼Ungazifaki enkingeni kungenasidingo nasisombululo. | 
| Ungayishayi ingede ngoju | ∼Uma wenzelwe okuhle kumele ubonge. | 
| Usifumbu ubona uqhaqhazela | ∼Ubona isici somunye kodwa nawe ube unesakho. | 
| Yinkukhu nempaka | ∼Ubutha obukhulu lapho abantu bezondelana ukubulalana. | 
| Yimpi yakwamabon'abulawe | ∼Umuntu oyingozi owesatshwa njengenyoka. | 
Ezinye izaga zizokwengezwa kulezi ezingenhla ngokuhamba kwezinsuku, uqhubeke ubheke.
