Ngezansi izaga nezincazelo zazo.
Ezinye izaga zizokwengezwa kulezi ezingenhla ngokuhamba kwezinsuku, uqhubeke ubheke.
| Isaga | Incazelo |
|---|---|
| Imbila yeswela umsila ngokulayezela | ∼Ungaze wathemba abanye ukuthi bakwenzele imisebenzi eqondene lawe. |
| Abantu abayi ngandawonye bengemanzi | ∼Abantu abavumelani bonke ngento eyodwa. |
| Akukho ndlovu yasindwa umboko wayo | ∼Akekho umuntu ohlulwa umthwalo wakhe. |
| Akukho thusi lathetha lilodwa | ∼Akekho umuntu onganengwa engaqalwanga. |
| Akukho zinyane lemboma ladliwa yingwenya kwacweba isiziba | ∼Uma uzwise omunye umuntu ubuhlungu noma umbulale, ngeke ukuthole ukuphumula abakubo nabangani bakhe bazomphindiselela. |
| Akuqhude lasindwa umzwezwe | ∼Akekho umuntu ohlulwa umthwalo wakhe. |
| Akuvelwa kanyekanye kungemadlebe embongolo | ∼Abantu abaphumeleli kanyekanye. |
| Amathanga ahlanzela abangenamabhodwe | ∼Izinto ezinhle ziya kwabangazidingi noma kwabangakwazi ukuzisebenzisa ngendlela okuyiyo. |
| Ayikho inkomo yobuthongo | ∼Impumelelo iyasetshenzelwa. |
| Bahlangene phezulu kanti phansi bangamahele | ∼Benza sengathi bayezwana futhi akukho okungangena phakathi kwabo kanti bahubhuza amanga. |
| Enethunga kayisengeli phansi | ∼Umnini wento akahlupheki ikhona. |
| Engakhali ifela embelekweni | ∼Uma ungazibiki, ukhulume ngenkinga yakho ngeke ubonakale futhi ngeke uzwakale. |
| Ibhizela labulala indlovu | ∼Umuntu uyalinyazwa nayinto yena athi ayilutho. |
| Ikhiwane elihle ligcwala izibungu | ∼Into enhle ngaphandle ijwayele ukuba nobubi ngaphakathi. |
| Ilelo nalelo nkankane aliyodla umsundu wangakubo | ∼Ilowo nalowo muntu kumele ayozizamela ngakubo. |
| Imiphanda ibulawa izakhelani | ∼Abantu abakhelene noma abangabangani abajwayele ukulimaza abantu. |
| Impi isesendeni | ∼Kuxabele abantu abazalanayo, bandoda nye. |
| Induku enhle igawulwa ezizweni | ∼Intombi noma umakoti omuhle umthola kude noma ekuhambeni. |
| Ingwe idla ngamabala | ∼Umuntu uzenza yena ukuthi athandeke ngezenzo nangemisebenzi yakhe. |
| Inja yawaqeda ngolimi | ∼Kancane kancane koze kulunge. |
| Inkomo ingazala umuntu | ∼Ngeke kwenzeke lokho. |
| Inkonjane iwele enkundleni | ∼Umuntu oliqili ubhajwe ebuqilini bakhe. |
| Inkonjane yakhela ngodaka | ∼Umuntu owenza okuhle kumele abekezele ngisho kunzima angalilahli ithemba. |
| Intendele ibindwe isidwa | ∼Ukuhlakanipha kuphelele ezeni. |
| Intendele iwel'enkundleni | ∼Inhlanhla izizele. |
| Into yomuntu umhluzi wempisi | ∼Ungabothembela entweni yomuntu noma yokwebolekwa. |
| Inxeba lendoda alihlekwa | ∼Ungabomhleka umuntu uma esenkingeni noma evelelwa okubi ngoba kusasa kungawe. |
| Iqaqa alizizwa ukunuka | ∼Umuntu akasiboni isici noma ububi bakhe. |
| Isalakutshelwa sibona ngomopho | ∼Umuntu ongalaleli iziyalo, noma ekhuzwa ubona ngomphumela omubi noma oyingozi. |
| Isilo siyawafinyeza amazipho | ∼Umuntu onamandla noma ohlakaniphile ngeke umthole ehamba ezikhukhumeza ngalawomandla nenhlakanipho yakhe. |
| Kazi iyozala nkomoni | ∼Kazi kuyokwenzakalani noma umphumela uyoba njani. |
| Kubambene ingwe nengonyama | ∼Kuxabene noma kubhekene abantu abanamandla alinganayo. |
| Lapho kukhona isidumbu ilapho kukhona amanqe | ∼Uma umuntu esenkingeni ilapho abantu abasizakala khona ngaye. |
| Libheke uligcine | ∼Osongela omunye ngokumbulala. |
| Lixhoshwa libhekile | ∼Iphutha lenzeka noma uqaphele. |
| Nalapho kungekho qhude kuyasa | ∼akusho ukuthi lowo ozigqajayo uma eke wahamba kokwenziwayo kuyokuma izinto, kuyohamba kahle ngisho engasekho. |
| Siyoze sihlangane okhalweni lwezimpungushe | ∼Usongo, siyoze sitholane la esiyodelisana khona, ngokulwa imvamisa. |
| Sobohla Manyosi | ∼Uyophela umbuso. |
| Ukhamba lufuze imbiza | ∼Ingane ifuze umzali wayo. |
| Umenzi uyakhohlwa kodwa umenziwa akakhohlwa | ∼Umuntu osuke enze okubi komunye uyashesha ukukhohlwa kodwa lo osuke enziwe okubi akakhohlwa neze. |
| Umkhumiso usulingene izintondolo | ∼Okusele sekulingene abanikazi bakho. |
| Umthente uhlaba usamila | ∼Isimilo noma ithalente lomuntu livela esesemncane. |
| Ungakhulumi ngobhejane kungekho sihlahla eduze | ∼Ungazifaki enkingeni kungenasidingo nasisombululo. |
| Ungayishayi ingede ngoju | ∼Uma wenzelwe okuhle kumele ubonge. |
| Usifumbu ubona uqhaqhazela | ∼Ubona isici somunye kodwa nawe ube unesakho. |
| Yinkukhu nempaka | ∼Ubutha obukhulu lapho abantu bezondelana ukubulalana. |
| Yimpi yakwamabon'abulawe | ∼Umuntu oyingozi owesatshwa njengenyoka. |
Ezinye izaga zizokwengezwa kulezi ezingenhla ngokuhamba kwezinsuku, uqhubeke ubheke.