Amagama amqondofana angamagama anikeza umqondo ofanayo, noma anencazelo efanayo, asho into eyodwa.
| amanzi ∼ amadambi |
| casuka ∼ dinwa |
| hlomula ∼ zuza |
| igceke ∼ ibala |
| igwala ∼ ivaka |
| ikhala ∼ impumulo |
| indlela ∼ inyathuko |
| indlu ∼ inkatheko |
| indoda ∼ injeza |
| inja ∼ ingcanga |
| isibhamu ∼ umkhono wekati / izulu lezandla |
| iso ∼ iqaphelo |
| isu ∼ icebo |
| liyana ∼ kuyanetha |
| phuza ∼ natha |
| ubhozo ∼ uqukula |
| ukudla ∼ ukumaya |
| ukuhlangana ∼ ukunqwamana |
| umbani ∼ umphazimo |
| umfana ∼ umkhapheyana |
| vimba ∼ nqanda |
| uvalo ∼ itwetwe / ingebhe |
*Amanye amagama amqondofana azokwengeziwa kulawa angenhla ngokuhamba kwezinsuku, uqhubeke ubheke.