Ngezansi izisho kanye nezincazelo zazo | Zulu Idioms
Ezinye izisho zizokwengeziwa kulezi ezingenhla ngezinsuku ezilandelayo, qhubeka ubheke.
| Isisho | Incazelo |
|---|---|
| Ukuba yinkomo enombala | ∼Ukwaziwa abantu bonke ukuthi ungumuntu onjani. |
| Ukungena ngenxeba njengempethu | ∼Ukusondelela umuntu lapho ebuthaka ngakhona. |
| Ukondlela impuku eweni | ∼Ukwenza into engeke yakusiza ngalutho. |
| Ukudla ezamahole | ∼Ukuzifaka wena ngokwakho enkingeni. |
| Ukudla mfundambili njengemboma | ∼Ukufuna izinto zonke zibe ngezakho, ukuba yigovu. |
| Ukweqela inkomo | ∼Ukuvimba inkomo uyikhalime. |
| Ukudla wesulele phansi njengenkukhu | ∼Ukwenza izinto ube uphika. |
| Ukuqaphe eqolo njengonwabu | ∼Ukuqikelela noma iyiphi ingozi engase ikwehlele. |
| Ukuba inkomo kunobhutshuzwayo. | ∼Ukungakwazi ukudlala unobhutshuzwayo. |
| Ukuba mtshingo ubethwa ngubani | ∼Ukuba intandane. |
| Ukuba nenhliziyo engaphandle | ∼Ukuhaha. |
| Ukuba nkomo | ∼Ukungabi nokuzivikela, ukungalwi. |
| Ukuba yinyoka | ∼Ukuba nobuqili obufihlakele. |
| Ukubamba isisila sehobhe | ∼Ukuthembela entweni engenampumelelo. |
| Ukubeka icala | ∼Ukumangalela umuntu. |
| Ukubeka inkunzi | ∼Ukuphawula inkunzi. |
| Ukubhodlela emswanini | ∼Ukukhala emva kwendaba. |
| Ukubhongela emswanini | ∼Ukukhala emva kwendaba. |
| Ukubophela amanqina enyathi | ∼Ukwakhela uzungu. |
| Ukubukana ngeziqu zamehlo | ∼Ukungezwani. |
| Ukubulala inyoka | ∼Izinto noma abantu abaningi. |
| Ukubuya inhlazane | ∼Ukubuya kwezinkomo emini yasekuseni sezizosengwa. |
| Ukubuya nempande yesikhova | ∼Ukuba neshwa ungaphumeleli entweni obuyizama, usuke ungazuzanga lutho. |
| Ukucela induku | ∼Ukwedelela okudala impi. |
| Ukuchathazelwa kwelengane | ∼Ukuxoxelwa izindaba ezingandile. |
| Ukuchitha kwenkabi | ∼Ukumisa kwenkabi izimpondo zivulekile. |
| Ukuchunywa imfuyo | ∼Ukwandelwa imfuyo. |
| Ukucupha uchuku | ∼Ukwedelela abantu ngento eyaziwayo ukuthi abayithandi. |
| Ukudla impundu | ∼Ukuba umuntu okhohlwayo. |
| Ukudla ubhedu | ∼Ukuba ingqwele noma uhambe phambili kulokhu okwenzayo. |
| Ukudla udaka | ∼Ukuhlupheka. |
| Ukudukuza oswini | ∼Ukungabi namqondo, udidekile. |
| Ukufaka kwenkomo | ∼ukugcwala kobisi ebeleni lenkomo. |
| Ukufaka Umunwe esweni | ∼Ukwenza into komunye umuntu angayithandi emphatha kabi okanye emdinayo. |
| Ukufinya ngolimi njengenkomo | ∼Ukuhlupheka noma ukweswela izinto eziwusizo.. |
| Ukugaqela eziko njengengane | ∼Ukuzisondeza engozini. |
| Ukugodla ubisi | ∼Ukungehlisi ubisi kwenkomazi. |
| Ukuguda inkomo | ∼Ukusenga inkomo engasenankonyane. |
| Ukugxaza amanzi njengencuba | ∼Ukuhlupheka, ukuba mpofu. |
| Ukuhlaba usentu | ∼Ukuqhwitha umhlabathi. |
| Ukuhlahla inhloko | ∼Ukuklabela ukhanda lwenkomo. |
| Ukuhlala phezu kwezikhali | ∼Ukuhlala ulindele noma yini engenzeka njengokuhlaselwa. |
| Ukuhlamba imikhonto | ∼Ukuhlaba izinkomo emva kwempi. |
| Ukuhloba kobisi | ∼Ukuvuthwa kobisi. |
| Ukuhosha umongulo | ∼Ukusenga izimfihlo. |
| Ukuhudula izikhumba | ∼Ukuhona |
| Ukujikela eshobeni | ∼Ukungenela into lapho ingenangozi ngakhona. |
| Ukukhipha inhlazane | ∼Ukuvulela izinkomo ekuseni ngaphambi kokusenga. |
| Ukukhiphela inkonyane | ∼Ukukhipha inkonyane enkomeni efile. |
| Ukukhunga umntwana | ∼Ukupha umntwana izipho. |
| Ukukhwela phezu kwendlu njengenja | ∼Ukwedelela abadala kunawe. |
| Ukulala ngenkomo | ∼Ukuzivikela. |
| Ukulala ngophondo | ∼Ukuba sesimeni sokungakwazi ukuzisiza. |
| Ukulandela amabheka | ∼Ukufuza ekhabonina. |
| Ukuma ngenkomo | ∼Ukuma ubambelele ehawini. |
| Ukumisa amanhlakomuzi | ∼Ukulala ubheke phezulu umise amadolo. |
| Ukuncelisa amawele | ∼Ukuyishaya emuva uyishaye phambili. |
| Ukuncelisa umbele ofile | ∼Ukukhohlisa. |
| Ukunyathela ngabantwana | ∼Ukuba nezitho ezinhle. |
| Ukuphehla uzuthu | ∼Ukusukela umuntu noma abantu ngoba wethembe ubuqhwaga. |
| Ukupheka inyama ngomhluzi wenye | ∼Ukuhlaba njalo. |
| Ukuphonsa kwenkunzi | ∼Ukuhlaba kwayo lapho ilwa. |
| Ukuphuma amathambo | ∼Ukukhumuka kwamazinyo obungane. |
| Ukuqhuba intwala ngewisa | ∼Ukwedelela. |
| Ukuqhuma abathakathi | ∼Ukuvela kwamazinyo enganeni. |
| Ukusenga inkomo nenkonyane | ∼Ukungabi nasimilo. |
| Ukusenga ezimithiyo | ∼Ukuqamba amanga. |
| Ukusengela ophondweni | ∼Ukonela umuntu into yakhe. |
| Ukusengela umuntu esigujini | ∼Ukulutha ufake enkathazweni. |
| Ukushaya utshani | ∼Ukuvele uhambe ngokushesha noma ukubaleka. |
| Ukushisela uphondo | ∼Ukususa uthuthuva. |
| Ukusongela inkomo ingakahlatshwa | ∼Ukukhuluma sengathi into seyenzekile ibe ingakenzeki. |
| Ukuthola isisu | ∼Ukukhulelwa. |
| Ukuthola umntwana | ∼Ukubeletha. |
| Ukuthwala ilunda | ∼Ukuzazi. |
| Ukuzalela phansi | ∼Ukushonelwa abantwana. |
| Ukuzichoma kumalunda | ∼Ukuzithintela, uzithele enkingeni. |
| Ukuzizala | ∼Ukuzala umntwana ofana nawe. |
| Ukweqa izinyawo zenkosi | ∼Ukuba nochuku wenze izinto ezingakufanele, ezingekho ezingeni lakho, ezifanele abakhulu kunawe. |
| Ukweqela inkomo | ∼Ukuvimba inkomo uyikhalime. |
Ezinye izisho zizokwengeziwa kulezi ezingenhla ngezinsuku ezilandelayo, qhubeka ubheke.