Izithakazelo zakwa Mbatha, Mbatha Clan Names, Mbatha Clan Praises

Want a t-shirt or hoodie with your clans? click here to make your order on Whatsapp

Izithakazelo zakwa Mbatha, Mbatha Clan Names, Mbatha Clan Praises

Mbatha, Shandu ka Ndaba;
Gumbi Lamagwala; Sontshikazi,
Mthiya othiya ngenkomo abafokazane bethiya ngamahlahla;
Ndabezitha!

U Shandu ubengengakanani ngoba nasentendeni yesandla uyenela;
Nasothini lomkhonto uyahlala athi cababa;
Mazalankosi;
Mavungama;
Mathabathanyawo;
Makhabaluthuli;
Makhubanothuli!

Nina be Nyathi emnyama ka Nsele;
UShandu owalima insimu eyilimela izinyoni;
Zase zimbonga zathi tshiyo…tshiyo…tshiyo!

Ubhabha ku Gwaza;
UNkentenkente olwakhela izintaba zase Nhlazatshe;
Kwaze kwaphuma abafazi bengabhincile bathi;
Ingabe lolu Nkentenkente lunkenteza lwenzani;

UShandu ongayimbathi ingubo, oyimbatha ngokusibekela kwe Langa;
UShandu omuhle ngamazinyo akhe;
Wavala nge hhemu emizini yamadoda;
Uzihlabathi zolwandle;
Ebe emkhulu engange Zulu;

Wena ka Magizagiza;
Mlamlankunzi zidedele zibulalane;
Shandu uyinkosi eyabonwa nawu siShaka ka Senzangakhona;
Yena abathi uShaka akashayeki;
Wathi Shandu ka Ndaba uyi Nkosi,
Futhi uyohlala uyi Nkosi;
Ndaba ko Mkhulu!
Wo! Nyathi!

Mbeje, Mndaba, Mlotsha;
Magwaza aphindelele njenge Zulu;
Mavungama owavungamela uMvelase evela eNyandeni;

Dladla, Mpembe, Gadlela, Mhlophe, Dwala;
Mgabadeli ngokugabadela izinkomo zama doda;
Mgabadeli ngokugabadela inkundla kwa Bulawayo;

Mbatha wena owambatha isikhumba senyathi uZulu esahambaze!
Wena owaba ngu Ndabezitha kuqala;
Baze bazama ukuthatha izibongo zakho ngamaqhinga!
Wasala uzisebenzisa njengoba usazisebenzisa namanje;

Ndabezitha!
Ndaba ko Mkhulu!



Bayede!

Previous Post Next Post