Izisho

Want a t-shirt or hoodie with your clans? click here to make your order on Whatsapp

Ngezansi izisho kanye nezincazelo zazo.
IsishoIncazelo
Ukuba inkomo kunobhutshuzwayo.∼Ukungakwazi ukudlala unobhutshuzwayo.
Ukuba mtshingo ubethwa ngubani∼Ukuba intandane.
Ukuba nenhliziyo engaphandle∼Ukuhaha.
Ukuba nkomo∼Ukungabi nokuzivikela, ukungalwi.
Ukuba yinyoka∼Ukuba nobuqili obufihlakele.
Ukubamba isisila sehobhe∼Ukuthembela entweni engenampumelelo.
Ukubeka icala∼Ukumangalela umuntu.
Ukubeka inkunzi∼Ukuphawula inkunzi.
Ukubhodlela emswanini∼Ukukhala emva kwendaba.
Ukubhongela emswanini∼Ukukhala emva kwendaba.
Ukubophela amanqina enyathi∼Ukwakhela uzungu.
Ukubukana ngeziqu zamehlo∼Ukungezwani.
Ukubulala inyoka∼Izinto noma abantu abaningi.
Ukubuya inhlazane∼Ukubuya kwezinkomo emini yasekuseni sezizosengwa.
Ukubuya nembande yesikhova∼Ukuba neshwa ungaphumeleli entweni obuyizama.
Ukucela induku∼Ukwedelela okudala impi.
Ukuchathazelwa kwelengane∼Ukuxoxelwa izindaba ezingandile.
Ukuchitha kwenkabi∼Ukumisa kwenkabi izimpondo zivulekile.
Ukuchunywa imfuyo∼Ukwandelwa imfuyo.
Ukucupha uchuku∼Ukwedelela abantu ngento eyaziwayo ukuthi abayithandi.
Ukudla impundu∼Ukuba umuntu okhohlwayo.
Ukudla ubhedu∼Ukuba ingqwele noma uhambe phambili kulokhu okwenzayo.
Ukudla udaka∼Ukuhlupheka.
Ukudukuza oswini∼Ukungabi namqondo, udidekile.
Ukufaka kwenkomo∼ukugcwala kobisi ebeleni lenkomo.
Ukufaka Umunwe esweni∼Ukwenza into komunye umuntu angayithandi emphatha kabi okanye emdinayo.
Ukufinya ngolimi njengenkomo∼Ukuhlupheka.
Ukugaqela eziko njengengane∼Ukuzisondeza engozini.
Ukugodla ubisi∼Ukungehlisi ubisi kwenkomazi.
Ukuguda inkomo∼Ukusenga inkomo engasenankonyane.
Ukugxaza amanzi njengencuba∼Ukuhlupheka, ukuba mpofu.
Ukuhlaba usentu∼Ukuqhwitha umhlabathi.
Ukuhlahla inhloko∼Ukuklabela ukhanda lwenkomo.
Ukuhlala phezu kwezikhali∼Ukuhlala ulindele noma yini engenzeka njengokuhlaselwa.
Ukuhlamba imikhonto∼Ukuhlaba izinkomo emva kwempi.
Ukuhloba kobisi∼Ukuvuthwa kobisi.
Ukuhosha umongulo∼Ukusenga izimfihlo.
Ukuhudula izikhumba∼Ukuhona
Ukujikela eshobeni∼Ukungenela into lapho ingenangozi ngakhona.
Ukukhipha inhlazane∼Ukuvulela izinkomo ekuseni ngaphambi kokusenga.
Ukukhiphela inkonyane∼Ukukhipha inkonyane enkomeni efile.
Ukukhunga umntwana∼Ukupha umntwana izipho.
Ukukhwela phezu kwendlu njengenja∼Ukwedelela abadala kunawe.
Ukulala ngenkomo∼Ukuzivikela.
Ukulala ngophondo∼Ukuba sesimeni sokungakwazi ukuzisiza.
Ukulandela amabheka∼Ukufuza ekhabonina.
Ukuma ngenkomo∼Ukuma ubambelele ehawini.
Ukumisa amanhlakomuzi∼Ukulala ubheke phezulu umise amadolo.
Ukuncelisa amawele∼Ukuyishaya emuva uyishaye phambili.
Ukuncelisa umbele ofile∼Ukukhohlisa.
Ukunyathela ngabantwana∼Ukuba nezitho ezinhle.
Ukuphehla uzuthu∼Ukusukela umuntu noma abantu ngoba wethembe ubuqhwaga.
Ukupheka inyama ngomhluzi wenye∼Ukuhlaba njalo.
Ukuphonsa kwenkunzi∼Ukuhlaba kwayo lapho ilwa.
Ukuphuma amathambo∼Ukukhumuka kwamazinyo obungane.
Ukuqhuba intwala ngewisa∼Ukwedelela.
Ukuqhuma abathakathi∼Ukuvela kwamazinyo enganeni.
Ukusenga inkomo nenkonyane∼Ukungabi nasimilo.
Ukusenga ezimithi∼Ukukhuluma amanga.
Ukusengela ophondweni∼Ukonela umuntu into yakhe.
Ukusengela umuntu esigujini∼Ukulutha ufake enkathazweni.
Ukushaya utshani∼Ukuvele uhambe ngokushesha noma ukubaleka.
Ukushisela uphondo∼Ukususa uthuthuva.
Ukusongela inkomo ingakahlatshwa∼Ukukhuluma sengathi into seyenzekile ibe ingakenzeki.
Ukuthola isisu∼Ukukhulelwa.
Ukuthola umntwana∼Ukubeletha.
Ukuthwala ilunda∼Ukuzazi.
Ukuzalela phansi∼Ukushonelwa abantwana.
Ukuzichoma kumalunda∼Ukuzithintela, uzithele enkingeni.
Ukuzizala∼Ukuzala umntwana ofana nawe.
Ukweqa izinyawo zenkosi∼Ukuba nochuku wenze izinto ezingakufanele, ezingekho ezingeni lakho, ezifanele abakhulu kunawe.
Ukweqela inkomo∼Ukuvimba inkomo uyikhalime.

Ezinye izisho zizokwengeziwa kulezi ezingenhla ngezinsuku ezilandelayo, qhubeka ubheke.

Previous Post Next Post