Umlando Wabantu BakwaSibiya

Want a t-shirt or hoodie with your clans? click here to make your order on Whatsapp

Umlando Wabantu BakwaSibiya

OSibiya baphuma KwaZulu endlini encane kaNdaba. Kulendlu uNdaba wazala uGumede, owazala uZingelwayo noZembethe. UZingelwayo noZembethe bazalelwa emzini kayise uNdaba KwaMpokoloshe, owayakhe ngaKwaNobamba. Lamadodana kaGumede aba neziphiwo ezahlukene. UZembethe wayenesiphiwo sokuzingela izinyamazane. UZingelwayo (Gubeshe) wayenesiphiwo sokuthanda imfuyo, izinkomo. Nazo- ke zamthanda kakhulu, zanda.


Lamadodana kaGumede asuka KwaMpokoloshe ngokwehlukana. UZembethe wasuka wayokwakha ngaseziNtabeni zasoPhathe lapho wayephila ngokuzingela izinyamazane njengoba zaziziningi kuleya ndawo. Wazala inkosana yakhe wayetha ngokuthi nguGazu. UZingelwayo yena wasuka wayokwakha phezu kweNtaba eMthonjaneni. Ngenxa yokuthi imfuyo yayimthandile uZingelwayo, izinkomo zakhe zanda ngalendlela zazize zilale ngaphandle kwesibaya zizungeze umuzi wonke. Abantu ababedlula ngaphandle komuzi bathi: “ake nibuke oZingelwayo, bafuye kanjani, babiya ngezinkomo abafokazana bebiya ngamahlahla.” Kusukela lapho uZingelwayo wabe esebizwa ngoSibiya. Kwathi abakaZembethe babizwa ngoGazu owabe eyinkosana.


Ngokuhamba kwesikhathi bahlangana bavumelana ngokuthi basebenzise uSibiya njengesibongo, uGazu abe yisithakazelo sabo. Nangesikhathi besebenzisa uSibiya, basebenzisa uNdaba noGumede abangokhokho babo njengesithakazelo. Ubuhlobo balababantu nabaKwaZulu baphela ngesikhathi iNkosi uJama ishelelwa ngabantwana bayo uMkabayi nomama indodakazi kaZingelwayo (Gubeshe) uMthaniya eyazala inkosi uSenzangakhona. Lababantu bakwaSibiya bakhulu KwaZulu futhi banomlando omkhulu. Enye yamadodakazi kaZingelwayo uLangazana, igane iNkosi uSenzangakhona yazala uMagwaza noNonqgobo. UMagwaza wasala empini yaseNcome mhla zili- 16 kuZibandlela (December) ngowe 1838.


USotobe kaMpangalala kaGazu waba yisiyendane seSilo uShaka. ISilo uShaka saze samthuma ukuba aye phesheya kwezilwandle eNkosini yamaNgisi, uKing George ukuba eyofuna ubuhlakani babelungu. Ngeshwa wabuya iSilo uShaka sebesibulele, lapho khona sabuya nomfana womlungu. Bathi abantu usithathephi isilwane esinamehlo okungathi ngawekati. Lowo mfana wagcina esefunde yonke imikhuba yabantu bakwaSibiya, wagcina igama lakhe sekunguKhathi.


USotobe simthola esebekwe yiSilo saseMgungundlovu, maphakathi neKwaZulu Natali maphakathi nezwe njengengede ebheke bonke labo ababenza okuphambene nomthetho waso. Abantu bakwaSibiya banobukhosi laphaya kwaKhiphunyawo oPhongolo. Leya ndawo bayinikezwe yiSilo uShaka, sathi mabayobheka amaSwazi angangeni KwaZulu. Sayinika iqhawe laso uNogwaza kaNgobe kaMheqwa waseSikhobobo kaMabhabhakazana elayibamba empini yodumo lukaBhambatha kaMancinza Zondi Khandampondo lingenye yezinduna zaseBaqulusini.

source: ulwazi.org
Bayede!

Previous Post Next Post