Izithakazelo zakwa Khumalo, Khumalo Clan Names, Khumalo Clan Praises

Izithakazelo zakwa Khumalo, Khumalo Clan Names, Khumalo Clan Praises 
Mntungwa,
Mbulaz'omnyama,
Nina bakaBhej' eseNgome,
Nin' enadl'umuntu nimyenga ngendaba,
Nin' enadl' izimf'ezimbili ikhambi laphuma lilinye,
Lobengula kaMzilikazi,

Mzilikazi kaMashobana,
Shobana noGasa kaZikode,
Zikode kaMkhatshwa,
Okhatshwe ngezind' izinyawo nangezimfushanyana,
UMkhatshwa wawoZimangele,
UNyama yentini yawoZimangele
Mabaso owabas' entabeni kwadliwa ilanga lishona,
BaNtungw' abancwaba,
Zindlovu ezibantu,
Zindlovu ezimacocombela,

Nin' abakwaMawela owawel' iZambezi ngezikhali,
Nin' abakwaNkomo zavul' inqaba,
Zavul' inqaba ngezimpondo kwelaseNgome zahamba,
Nin' enalukudl' umlenze kwaBulawayo,
Mantungwa Aluhlaza,
Mantungwa Amahle,
Bantwana benkosi!

Nin' abakwaNtokela,
Inkubele abayihlabe ngamanxeba,
Abakhule ngezinyawo ezimfishanyana nezimaqhukulwana,
Inyang' abathe beth' ifil' uZulu kanti isiyetheswe,
Yetheswe ngoNyakana kaMpeyana,
UBando abalubande balushiy' uZulu,
UNtshwintshwintshwi kaNoyanda noNdaba,
UNkone evele ngobus' emdibini,
Maqhaw' amakhulu!!!

Ziyatholakala izikibha ezinezithakazelo zakwa Khumalo! Fonela lenombolo: 061 868 5163 wenze i-oda lakho! t-shirt price: R200
Hoodie: R450 






Thola esakho isikibha, whatsapp kule nombolo: 061 868 5163



Previous Post Next Post