Khanyile

Izithakazelo zakwa-Khanyile

Sothole,
S'tshopo,othi udl'inkomo kanti udl'impisi,
Umashaya umuntu aphindele lapho aphuma khona,
Odl'isinkwa esinothotho,
Mahamba kancane Sogodi,
Phondo olukhulu elavuma kwavuma amadoda,
Shalashala elihle elithukuvuma ukulandula,
Ntunjwa kaLanga,
Mthiyane,
Ndwandwe,
Zikode, Mabhuqa,
Ngwane,
ULanga ongenandlebe angaba nendlebe weza nonina,
Inhliziyo eyasala ezaleni kwasa bayicosha ngakusasa!

16 comments:

  1. Mwelase ongaweli ngazibuko owela ngezimpambosi somfula. mtungwa, Bangela KaBhilibane.

    ReplyDelete
  2. Replies
    1. Hlengiwe mhlawumbe kudingeka ukuthi sazi ukuthi uMbuso usho izithakazelo zendlu yiphi? Ngoba lapho izindlu zanda nezithakazelo ziyanda.

      Delete
  3. Mina Mageba angizazi zonke lezithakazelo...engzaziyo azikho la

    ReplyDelete
  4. Oh.........Ngwane. O Ndimndwan odlimnkantsha uvelaphi yena ngoba naye ekhona kuzithakazelo zakwa Khanyile?

    ReplyDelete
  5. Ngempela kuya ngezindlu. O Ndimndwan'odlimnkantsha bona abakuphi . Ngoba nabo bayafakwa uma bethakazela u Khanyile . Kakhulu ngapha ko Ladysmith?

    ReplyDelete
  6. ngicela ningisize ngezithakazelo zakwa NTETHA

    ReplyDelete
  7. Nami ngazi ezifaka uMandondo, oseNkandla

    ReplyDelete
  8. Ngyazithanda ithakazelo zakhithi uSogodi ungena kanjani ngicela ukwazi

    ReplyDelete
  9. Thina singo ngwane onzimase osogodi manje ngimangala lezi ezinye angizazi

    ReplyDelete
  10. Ngwendula eladla amanye amagwendula

    ReplyDelete
  11. Zehluke kabili izithakazelo zakwa Khanyile, Khona o Ngwane, bese Kube Khona nezinye futhi angingazazi Kahle.

    ReplyDelete

Total Pageviews