Makhoba

Izithakazelo zakwa-Makhoba

Gwabini,
Hamashe,
Manzini, Geda,
Ncwane, ngankomo yaseMahenyeni,
Nyama kayishi, isha ngababhebhezeli,
Wena owaphuma ngenoni emgodini,
Sengwayo!

16 comments:

  1. Akubona oMakhoba laba. Uzithathephi lezithakazelo, Asiyena uZungu thina, Asiyena ugeda, Asiyena uManzini, Asiyena uNyamakayishi, futhi asiyena uGwabini/Gwabeni. oMakhoba, oJoko umhlale endlini abanye beshiswa ilanga kaMandana. uMgebisa kaJoko, igolo lezitha, iWaba elabamba ingonyama ngamanoni, elaciliza iLembe ngokuphuma emgodini wengonyama, ELikaGodloza lemiZaqa eyaphukela abangaphandle nebangaphakathi, oLume nkume. uMakhoba ke lowo, weWaba, elahambe hlathini kwaguqa izingonyama, KaNcwane.

    Nina bewaba elimnyama lako Godloza,nina baka Didiz'ulwandle,umagadl'eguqile njenge thole,umagwaz'udidi,Mgebisa qolo lezitha

    ReplyDelete
    Replies
    1. Ngyabonga Joko,uPhile mfw2.

      Delete
    2. Hhay angizazi lezi,akusizona zakithi

      Delete
    3. Hhay angizazi lezi,akusizona zakithi

      Delete
  2. Mthabela
    Joko
    Zungu
    Nsele
    Nina beWaba elimnyama likaGodloza,
    Abalishaya ngemzaca yephukela

    ReplyDelete
  3. Makhoba ,Gwabini,Hamashe,Manzoni,Geda,Ncwane ngaNkomo,Sengwayo,Zungu wena osineke njengNdlovu!

    ReplyDelete
  4. Yebo uZungu igazi lethu kodwa uMakhoba akuyona uZungu. dingo Joko thina oMthabela. UTHAMI uyibeke kahle

    ReplyDelete
  5. Ngicela ukubuza Omakhoba bayizihloboni NoGwamanda

    ReplyDelete
  6. To Unknown: Cha akaze ngizwe ngoGwamanda emlandweni kwakwaMakhoba nakuba kungacaci ngokuzalana kwabo bebonkana ngoba siningi kakhulu isizukulwane sikaGwabini kuvela kakhulu labo abangamaqhawe isikhathi esiningi,kuzekucace uMHLEHLO ukuthi uzala uNCWANE be yena ezala Makhoba beno Zungu (Makhoba and Zungu were twins) nalapho kuvela 2 kuphela,surely bakhona abanye.

    Kusuka kuGWABINI>NYAMAKAYISHI>SENGWAYO>MHLEHLO>NCWANE>MAKHOBA and ZUNGU.isikhathi esiningi kubalwa ngokubkusa kwabo.

    MAKHOBA>MADANA>JOKO>MADUBANA,MANCENCE,MGEBISA,LUHIDANE.
    uNdabayakhe inkosana kaMgebisa.
    uKHOTHETSHENI inkosana ka Mancence kwazoba yena wazala uMBONGOLO yena wazala uZIKHALI besekuba uQEDICALA engezwa kuthiwayenake usaphila, uzinze Empangeni.

    ReplyDelete
  7. Ngicela ukubuza bo Sengwayo, ngabe uMadubane yiso yini isthakazelo sakwaMakhoba?

    ReplyDelete
  8. Izithakazelo zakwa Makhoba
    Nina baka Joko omuhle ehlez'ndlini athi angaphumela phandle ashiswe yilanga
    Nina enakhishwa ngenoni emgodini
    Nina baka nyama kayishi isha ngabaphephezeli
    Nina benkomo ikhala ihlahlelwa
    Nina bakamgwazi kaqhaqhi uqhaqhelwa zinyoni
    Nina bewaba likagodloza
    Nina eninozwelo njenge Ndlovu
    Nina basezi Ntuzini
    Nina bakaSengwayo ngilinde ngisalanda ezanini
    Nina baka mgebisa makhonda amadoda

    Umlando ngokuzalana kwaMakhoba
    Malandela 1650
    Gwabini 1682
    Nyamakayishi 1701
    Sengwayo 1719
    Mhlwehlwe 1737
    Ncwane 1755
    Makhoba no Zungu (amawele) 1791
    Joko
    Sengwayo
    Mgebisa
    Ndabayakhe
    Ntsele
    Mthabela
    Madubane
    Dangazela
    Godloza (Gwamanda)

    ReplyDelete
  9. Cela ukbuza makhoba nawo uhlukene njengo nkosi

    ReplyDelete

Total Pageviews