Izithakazelo zakwa Mkhize, Mkhize Clan Names, Mkhize Clan Praises

Izithakazelo zakwa Mkhize, Mkhize Clan Names, Mkhize Clan Praises

Gcwabe,
Khabazela,kaMavovo kaZihlandla,
Gubhela,
Mumbo omhlophe,
Wena waseMbo,
Wena okhanya amasi esiswini,
singela,
Nhlama eyaphelel' etsheni,
Ngunezi,
Mumbo ombulazi,
Nina enadla umuntu nimyenga ngendaba,
Sibi side esimajembelezana,
Sibi side esimaphandla esaphandl'abeNguni bavungama,
Nina bengwaz' emabhudle,
Eth' isabhudla yabuye yaphinda yabhudla
Malala amahle,
Nin' enalala nomunwe,
Navuka nakhwif'ilanga.
Nzalo kaSambela,
Nina bakaSidaphudaphu ngokubadaphunela,
Nzalo kaLuzalo!

Lalela izithakazelo zakwa Mkhize ku-Youtube:
https://www.youtube.com/watch?v=AssjdaUw1IY

Ngcongo clan names | Izithakazelo

Ngcongo clan names are : Phambuka  Nongwadla  Nozishe  Celeshe  Mkhonto obukhali obala amazwane!!! 🙌🏾 Sitholakala eKZN eMkhomazi eM...