Izithakazelo zakwa Mazibuko, Mazibuko Clan Names, Mazibuko Clan Praises
Khondlo,
Mwelase,
Nzima,
Muna,
Wena owangena nesikhuni emanzini waphuma naso sivutha,
Wena ongaweli ngezibuko,owela ngezihlangu zamadoda,
S`gawuli semithi emide nemifushane,
Mgabhamafu ohamba ubugwathugwathu emafini,
Nzimalamase ngobulandakazi,
Obuhlasehlase ithambo elagedla ezintabeni,
Okwathiwa ngoba nakhu esevula izibuko lokuwela kwathiwa nguMwelase,
Hlathikhulu,
Manzezulu, Phuthini,
Khuhlase kaMgabhi !!

Mazibuko: Umlando & more
Tags:
Izithakazelo