Mncube

Izithakazelo zakwa-Mncube

Khambule,
Mzilankatha,
Inkatha kayingen'endlini,
Yangena kubola izinkaba zabantwana,
Nina bakaNkomo zilal'uwaca,
Ezamadojeyana zilal'amankengana,
Mlotshwa,
Malandel'ilanga umaliyoshon'emaNcubeni,
Mpangazitha, Magasolo,
Nina basebuhlen'obungangcakazi,
Abadl'embeleni wenkomo kungafanele,
Kwakufanel'udliwe ngabalandakazi,
Nina bakaDambuza Mthabathe,
Nina basemaNcubeni enabalekel'uShaka naziphons'emfuleni,
Kwakhuz'abantu benifihla,
naphenduk' abakaKhambule,
Nafik' eSwazini naphenduk'uNkambule,
Msuthu,
Mncube onsundu ngezinyawo zakho,
Wen'oyithath'iNkosi uyibek'enhlabelweni,
Nina baseSilutshana,
Nin'enakhelana noMbunda,
Nina bakaMaweni,
Nzimande,
Mncaphayi, Shezi,
Malangatsha!

10 comments:

  1. AmaZilankatha amahle, omalandelilanga, bona abangadli umbilini we'nkomo...

    ReplyDelete
  2. sho mfowethu ngicela ungichazele umahluko phakathi kwesithakazelo sakwa Mncube nesakwa Ncube

    ReplyDelete
  3. sho mfowethu ngicela ungichazele umahluko phakathi kwesithakazelo sakwaMncube nesakwa Ncube

    ReplyDelete
  4. abakwa-Mncube banesiphiwo sokuhlaziya kodwa umgondo wabo awugijimi.abakwa-Ncube umqondo wabo uyagijima futhi bathanda ukuzimela empilweni

    ReplyDelete
  5. Mna ndicelukwazi ingaba siyabafaka na ongelengele, hlubi, nonkosi masizibonga bakwa khambule

    ReplyDelete
  6. Ngicela ukwazi ukuty yini ndaba izithakazelo zaNcube noMncube zifane

    ReplyDelete
  7. Ngicela ukwazi ukuty yini ndaba izithakazelo zaNcube noMncube zifane

    ReplyDelete
  8. Mncube Mzilankatha Mzilikazi kaMashobana. Khomazana yilandel'ekwandeni kwa sencubeni amahlokohloko abacabuzi bokhozi amangayi Nzimo ntshongolo

    ReplyDelete
  9. kwakutheni thina aboMncube babelekelu Shaka ?

    ReplyDelete

Total Pageviews