Ngema

Izithakazelo zakwa-Ngema

Mngadi,
Madlokovu,
Ntusi yenkomo,
Nene,
Wena nasentendeni yesandla uyanela,
Muji,
Sthenjwa,
Madlokov'esengweni,
Sabel'uyabizw eNkonjeni ubizwa abamhlophe ukuzokhuluma ngomhlabathi wakini kaMalandela,
Sthuli sasengweni!

Ngema clan, Ngema izithakazelo, Ngema clan names - tags

10 comments:

  1. Ngema kaMafu, madlokovu, ntusi yenkomo, wena wasengweni, nene, sthenjwa, muji, mashiya, sabela uyabizwa enkonjeni ubizwa abamhlophe ukuzokhuluma ngomhlabathi wakini kamalandela, wena waseMfule, goda elimnyama elihamba libahila amanqina namaqakala, madlokovu kangakanani ngoba nasentendeni yesandla uyanela, wena kamanukuza!........mushoooh!!

    ReplyDelete
    Replies
    1. Waze washo kamnandi mfowethu. Isandla seqa ikhanda ngikhuleka Ntusi yenkomoooo!

      Delete
    2. Waze washo kamnandi mfowethu. Isandla seqa ikhanda ngikhuleka Ntusi yenkomoooo!

      Delete
    3. Muji kaMafu;Mashiya; Ntusi yenkomo; wena wezingwe nezingonyama; sithuli sasengweni; Madlokovu sabela uyabizwa eNkonjeni; wena kawungakanani ngoba nasentendeni yesandla uyenela; Mngadi. Ibinda!!!!!!!

      Delete
  2. Ntusi, wothi: "Ngema! Muji ka Mafu!"

    ReplyDelete
  3. Muji Ka Mafu, Sthenjwa, Madlokovu🙌🏿🙌🏿

    ReplyDelete
  4. Ngicela onolwazi ngobukhosi bakwa Ngema/Mngadi. Ngabe bake baba khona? Babukuphi lobukhosi??

    ReplyDelete
  5. Babukhona buzinze eMthunzini, eMpangeni buze buyoshaya eMelmoth. Inkosi yokugcina jeans uSigcwelegcwele owayeyinduna yebutho lezinsizwa iNgobamakhosi.njengamanje ubukhosi buphethwe abakwaMzimela ababeyizinduna zakhe phambilini.Sabelo Sithenjwasenkosi Nene, Ondini

    ReplyDelete
  6. Babukhona buzinze eMthunzini, eMpangeni buze buyoshaya eMelmoth. Inkosi yokugcina jeans uSigcwelegcwele owayeyinduna yebutho lezinsizwa iNgobamakhosi.njengamanje ubukhosi buphethwe abakwaMzimela ababeyizinduna zakhe phambilini.Sabelo Sithenjwasenkosi Nene, Ondini

    ReplyDelete

Total Pageviews