Akuvelwa kanyekanye kungemadlebe embongolo

Want a t-shirt or hoodie with your clans? click here to make your order on Whatsapp

Akuvelwa kanyekanye kungemadlebe embongolo∼ Lesi sisho sichaza ukuthi abantu abaphumeleli kanyekanye.

Isibonelo: 

Sipho: WeMfanafuthi mngani wami uzwile nje ukuthi uMenzi lo esakhula naye usethenge umuzi kanye nemoto kanti futhi useshadelwe? Buka nje thina mngani wami asinaso ngisho isikorokoro.

Mfanafuthi: Cha ngiyakuzwa Sipho mngani wami. Futhi kuhle asiyibongele lensizwa enguMenzi. Kodwa-ke uma usho kanje ngikhumbula amazwi kamama ongizalayo uma ethi Akuvelwa kanyekanye kungemadlebe embongolo.

Bayede!

Previous Post Next Post