Izithakazelo nomlando wesibongo sakwaNyandeni

Want a t-shirt with your clans? click here to make your order on Whatsapp

Izithakazelo nomlando wesibongo sakwaNyandeni


Abantu bakwaNyandeni babekade bengabaNtungwa bakaMbulazi ngokobuzwe ,bengabakwaKhumalo . UNyandeni okwaqanjwa ngaye isibongo wabe engenye yamadodana kaMashobana ,engumnewabo Mzilikazi ,Nzeni , Ntshembeni nabanye. Isibongo sakwaNyandeni sakheka ngemuva kokuba kuxoshwe uNyandeni kwaKhumalo ngesizathu sokukhulelisa omunye wodadewabo.  Lokho kwaqala samkhuba wokusoma kodwa kwahamba kwahamba izingane zagcina zikhulelisene.

Umkhuba wokusoma kwakuwumkhuba othinta uc*nsi noma ngithi ophathelane noc*nsi . Izizwe zabansundu zaziwukhonze kakhulu lo mkhuba . Umahluko phakathi kokusoma noc*nsi lwangempela wukuthi ekusomeni insizwa ayifiki nhlobo enkomeni kababa ,iphelela emthangeni entombi.

Njengoba besengishilo ngenhla ukuthi lezo zingane ezagcina zikhulelisene kwabe kungezikaMashobana,yena-ke uMashobana wayezalwa nguZikode kaMkhatshwa kaKhumalo kaMntungwa kaMbulazi . Imizi kaMashobana yayiminingi kodwa sizothinta emithathu kuphela . Kwakukhona iNdinaneni (kwabo Mzilikazi) , iNyanda/eNyandeni (kwabo Ngonyama) kanye naseNsingweni (kwabo Mdleleni)

ENdinaneni uMzilikazi wayezalwe waba nguye yedwa vo ingane yomfana . Izintombi ayezelwe nazo kwakungo Nozipholo , Nozinhlwathi , Ntanase ,Ngiyalila nabanye . Bonke laba bantwana bakaMashobana babephuma kuNompethu indodakazi yenkosi uZwide kaLanga,inkosi yabakwaNdwandwe. Kwathi ngesikhathi zikhula lezi zingane zaseNdinaneni kwathathwa uMzilikazi wayiswa eKuqobokeni nokwabe kungenye yemizi yenkosi uZwide wayokhulela khona ,efundiswa ezezimpi . EKuqobokeni wafika wathola izinsizwa ezifana noSoshangane Nxumalo ,Zwangendaba Jele ,Somaphunga Ndwandwe nezinye ,wafika waba kanye nazo futhi wafunda lukhulu kuzo ngoba wabe emncane kakhulu kuzo. Ngesizathu sokuzalwa kukaMzilikazi eyedwa ingane yomfana nanokuya kwakhe eKuqobokeni kwathi ngenkathi sekulanyaniswa izindlu zakwaKhumalo kwathathwa uNgonyama noMdleleni bafakwa kweyeseNdinaneni ,bafakwa esiswini sikaNompethu bayokhulela khona. EseseNdinaneni uNgonyama wayetuswa ngokuthi 'wena waseNyandeni noma kuthiwe wena we Nyanda' kwakushiwo umuzi ayezalelwe kuwo.  Kwahamba kwahamba wagcina esebizwa ngoNyandeni ,futhi kwagcina kuchume lona elikaNyandeni .  Kwahamba kwahamba uNgonyama wagila  umkhuba , wakhulelisa enye yezintombi zaseNdinaneni kusukele emdlalweni noma emkhubeni wokusoma .Ngokwesabela impilo yakhe uNgonyama wathatha leyo ntombi ayeyikhulelisile babeleka bayobhaca enhlathini elabe liseduze ,elalaziwa ngokuthi yiNyanda . Ihlathi iNyanda lingasentshonalanga yentaba iNgwibi ngaseMkhuze buqamamana nje kancane nalapho kwakwakhelwe khona umuzi waseNyandeni. UNgonyama wahlala lapho-ke nentombi yakhe kwaze kwafika isikhathi sokuba ikhululeke. Ngempela yabeletha ingane yomfana eyethiwa igama kwathiwa nguKhukhuza .
Ngokomthetho wabaNguni kwakuthi uma iklwa lithe lagwaza ekhaya babuphela nya ubuhlobo kulowo osuke egwaze ekhaya nomndeni asuke egwaze kuwo. Nesibongo sasishintshwa aphiwe esinye . Baphela phakathi kwabakwaMdletshe nabakwaMthethwa, baphela phakathi kwabakwaMabhida nabakwaMkhize ,baphela phakathi kwabakwaMdlalose nabakwaZulu. Ziningi ngingabala kuphele iminwe nezinzwane. Uzalo lukaNgonyama manje lwaziwa ngokuthi lungolwakwaNyandeni nokwabe kungelinye lamagama akhe ,lisesulwe egameni lomuzi wakwabo.

Ngakho-ke ubuhlobo phakathi kwabakwaNyandeni nabakwaKhumalo abusekho manje ,yinto ekade yaphela ingakho nje lezi zibongo seziganana manje kungabi ndaba zalutho.

UKhukhuza wazala uGasela noNzine . UGasela wazala uNgono owazala uVumisa

Izithakazelo zakwaNyandeni

Nyandeni
Mashobana
Vumisa kaNgono
Khukhuza kaNgonyama
Zingwe zimbili ezalwa zabulalana kwaNtaba Ntshanini
Ngwadla phakela izigqala zakwaLibose
Wena waseNdinaneni


source: kithiendinaneni 
Bayede!

Previous Post Next Post