Yifune iNkosi song lyrics | Yifune iNkosi song lyrics hymn

Want a t-shirt with your clans? click here to make your order on Whatsapp

Yifune iNkosi song lyrics | Yifune iNkosi song lyrics hymn 

Yifune iNkosi ekusithekeni,
Uhlolwe nguJesu, usemthandazweni.
Ulalele kahle ‘kunyenyeza kwakhe,
Ezintweni zonke buz’ intando yakhe.

Ubamb’ isikhathi, ngoba siyadlula,
Uhlale noJesu la kunokuthula,
Ubike kuyena konke ukuswela,
Nangomcebo wakhe uyakwenezela.

Libala noJesu; ngoba nxa umbuka,
Yonk’ im’hambo yakho iyakuguquka,
Ukuba ilunge, ifane neyakhe,
Nabantu babone uhambis’ okwakhe.

Hamba-ke noJesu, yen’ uyakuhola
Nalokhokuhola ungabokusola.
Umlandel’ eduze ezinyathelweni,
Umdumise njalo nasenhluphekweni.

Ube-nokuthula ngasempefum’lweni,
Yonk’ imicabango efik’ enhliz’weni;
Ibuswe nguMoya okaNkulunkulu,
Uzolungiselwa inkonzo phezulu.

Bayede!

Previous Post Next Post