UKeagan Dolly uhlabene kuma-PSL awards


UKeagan Dolly usaqhubeka nokwenza ezibukwayo ebholeni laseNingizimu Afrika kusukela ebuyele kule ngxenye yomhlaba ezinyangeni ezimbalwa ezedlule ngemuva kokuba isihlabani seKaizer Chiefs semuka nomklomelo womdlali ovelele we-DStv Premiership ngo-Okthoba/Novemba ngoLwesine. 

Ithimba lamajaji libone ukuthi ukudlala kwakhe egqoke ihembe leChiefs ngesikhathi esacutshungulwayo bekuncomeka kakhulu kangangoba kwanele ukuthi athole igama lakhe phambi komgadli weMamelodi Sundowns, uPeter Shalulile, kanye neToaster Nsabatha kaSekhukhune. Lo mdlali wasesiswini weChiefs othokozisayo ushaye amagoli amahlanu waphinde wanikeza abasizi abathathu ukuqumba phansi izimbangi zakhe. 

Lo mdlali owake wagijima kuMontpellier ubesefomini enhle kuChiefs kangangoba waze wakwazi ukuncenga umqeqeshi weBafana Bafana u-Hugo Broos ukuthi ambuyisele eqenjini lesizwe emidlalweni yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2022. “Ngijabule kakhulu ngokuthola umklomelo womdlali ovelele wenyanga. Kube wuhambo olude kakhulu kimina, kusobala ukuthi ngibuyile ekubeni ngingadlali kakhulu, nokungabi wumqemane ngokugcwele ngesikhathi kuqala isizini,” usho kanje ngoLwesine. 

“Ngibonga ozakwethu, ithimba lezobuchwepheshe, abalandeli. Ngibonga wonke umuntu kuChiefs ngokungisiza. Ngicabanga ukuthi ngaphandle kozakwethu, izisebenzi zezobuchwepheshe kanye nabalandeli bengiphusha zonke izinsuku bengingeke ngiwuthole lo mklomelo.

“Kimina wukuqhubeka nokusebenza kanzima usuku nosuku, ngiqhubeke nokuzama ukusiza iqembu ukuthi liphumelele. Ngicabanga ukuthi senza kahle, sidlala kahle njengeqembu futhi besinqoba imidlalo, nokuyinto ebaluleke kakhulu. Bengilokhu ngisho ukuthi uma iqembu lenza kahle kugqame abantu ngabanye. “Ngenhlanhla, kulokhu bekuyimina futhi uma siqhubeka nokusebenza kanzima njengeqembu futhi siqhubeka nokuwina imidlalo, abafana abaningi basethubeni lokuwina lezi zinhlobo zemiklomelo.” 

UDolly ujoyine iChiefs ngoJulayi kanti akamoshanga isikhathi esincane ngokwenza kuzwakale ukuba khona kwakhe ngemuva kokuzinza endaweni yakhe entsha eningizimu yeGoli. Uqedele ukuhlonishwa ngendondo ngoLwesine njengoba ephinde wawina umklomelo wegoli lenyanga ngokushaya kwakhe iChippa United. Lo mklomelo uvotelwa ngabalandeli kusizindalwazi sePSL. Akuzange kuthuse ngesikhathi abaqeqeshi ababili beSundowns uManqoba Mngqithi noRhulani Mokwena bewina umklomelo womqeqeshi ovelele. 

Laba bobabili bathole le ndondo izinyanga ezimbili zilandelana njengoba abaholi nompetha bepremiership besaqhubeka nokuphula amarekhodi bezama ukunqoba esinye isicoco seligi ngaphandle kokujuluka. Abaqeqeshi beSundowns bakhiphe uMacdonald Makhubedu weSekhukhune United kanye noStuart Baxter weKaizer Chiefs entanjeni njengoba behlonishwa ngokuhola leli qembu lanqoba kahlanu emidlalweni eyisikhombisa ngesikhathi lingahlulwa. 

AmaBrazilians ashaye amagoli angu-13 ngesikhathi ehlula iSwallows FC, Golden Arrows, Maritzburg United, Marumo Gallants neSekhukhune United. Babanjwe kabili futhi bavunyelwa izikhathi eziningi kuphela. “Akukaze kube kuhle kuSundowns ukudlala ngokulingana noma okubi nakakhulu, ukuhlulwa umdlalo. Kodwa iqiniso lendaba lisendaweni ethize yeligi kumele ulindele ukuthi ungangenelwa yigoli,” kusho uMngqithi. 

“Le nto yokunganqobi isiqala ukunqwabelanisa ingcindezi enkulu ngoba siyiqembu elihlaselayo, futhi njengeqembu elihlaselayo ufuna ukushaya amagoli amaningi kunezitha, futhi lokho kusemqoka.”

Bayede!

Previous Post Next Post