Ngcobo

Izithakazelo zakwa-Ngcobo

Mapholoba!
Mbele!
Maguya!
Nyuswa kaDingila
KaNgcobo kaVumezitha
Ngcob' omhlophe
Ozal' uNgongoma

UNgongom' azal' ushangase
UMkeshana
Ngcob' omhlophe
Ozal' uGasela
UMfuz' afulele

Nina basemaQadini
Enizal' uDude noDabeka
KaSilwane kaNjila kaNgotoma
IQad' uqobo
nina bakwaMgudwa
KaMshiwa kaNcume kaMgabhi

Mashiy' amakhulu!
Mashiy' amade!
Mashiy' amahle!
Angathi azoshumayela

Nin' enibiye ngenkomo
Abafokazana bebiya ngamahlahla
Nin' entatanyiswa
Njengabafazi ningebona

Mpaka ziyaphikisana
Ith' enye yim' igoso
Neny' ithi yiyo
Yemese kaNyuswa
Nina bakaMbethe weqhina

Sihayo!

10 comments:

  1. lolest..umuno bawenzani ekuseni??

    ReplyDelete
  2. Mapholoba!

    Mbele!

    Maguya!

    Nyuswa kaDingila

    KaNgcobo kaVumezitha

    Ngcob' omhlophe

    Ozal' uNgongoma

    UNgongom' azal' ushangase

    UMkeshana

    Ngcob' omhlophe

    Ozal' uGasela

    UMfuz' afulele

    Nina basemaQadini

    Enizal' uDude noDabeka

    KaSilwane kaNjila kaNgotoma

    IQad' uqobo

    nina bakwaMgudwa

    KaMshiwa kaNcume kaMgabhi

    Mashiy' amakhulu!

    Mashiy' amade!

    Mashiy' amahle!

    Angathi azoshumayela

    Nin' enibiye ngenkomo

    Abafokazana bebiya ngamahlahla

    Nin' entatanyiswa

    Njengabafazi ningebona

    Mpaka ziyaphikisana

    Ith' enye yim' igoso

    Neny' ithi yiyo

    Yemese kaNyuswa

    Nina bakaMbethe weqhina

    Sihayo!

    ReplyDelete
    Replies
    1. ..mmm wasisho madoda kwath cosololo

      Delete
  3. Manje njengoba ngiwuNGCOBO angeke ngigane kwaSIBIYA NAKWA MBILI

    ReplyDelete
  4. KwaMbili ngeke ugane kwakona nje yikini

    ReplyDelete
    Replies
    1. Asihlangani thina noSibiya (lento yokubiya is just an expression, much like Ogumede nabanye when they say 'Mpangazitha'). oMbili ke ntombi, yebo, bangabakithi. So, awulokothi ugane khona!

      Delete
    2. Kuningi ngomlando wethu okushayisanayo. Enye imbangela ukuthi wawubhalwa abanye betshelwa abantu lokho okwenza kube khona okushiyekayo. ... . Uma sibhala nge English, sisuke siixhaphaza ulimi nje, hayi ngoba siluthanda..

      Delete
  5. I'm actually proud to know almost most of my clans #fuze, Mavela :-)

    ReplyDelete
  6. M so proud to know this..all along kunabamntu endingaz kuthi nginobhlobo nabo #huntshu ngalemini ye heritage

    ReplyDelete

Total Pageviews