Izithakazelo zakwa Qwabe, Qwabe Clan Names, Qwabe Clan Praises

Izithakazelo zakwa Qwabe, Qwabe Clan Names, Qwabe Clan Praises
Gumede,
Wena kaMalandela kaluzumana,
Phakathwayo kaKhondlo kaMncinci,
Osidlabehlezi kaPhakathwayo
Abathi bedlumuntu bemyenga ngendaba,
Bethi dluya kubeyethwe umakoti ubeyethe kabukhuni,
Wena owabuza intaba ngabomu wathi ntabani leya?
Zaphendula icathalala zathi "uNgoye Gumede,uNgoye Phakathwayo",
Wena waseMthandeni ezweni loju nezinyosi,
Mpangazitha ozikhangayo,
Mnguni kaYeyeye,
Khondlo,
Wena kaNjakaba kaSophana,
Meseni kaMusi ,
Mkhayiphe kaGodolozi!
Previous Post Next Post