Cebekhulu | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Cebekhulu

Gobeni,
Nsele,
Mangethe Zikode kaPhikela,
Wena Wasetsheni,
UZwane akadlelanga phansi wadlela emkhombeni wezinyamazane,
Edla im'hlambi yezinkomo zamadoda,
Ndlangashushwana ngokudla amaNdebele,
Bathi uZwane udleni kwaMtambo?
Kuthiwa udle izinjana zimbili zigcwele umdakana,
Ntshosho!
Wena kaMafu kawalingani,
Aphansi naphezulu,ngoba aphezulu angubo ngubo,
Ntsele kaLinda kaMkhonto,
Awungilinde ngilande ezami eZungeni,
Mthanti,
Nduna ngokuthwal' isila sensele,
UNtsele kangakanani,
Ngoba nasothini lomkhont' angahlala.
Isikhova singathi,"hhi" sibona imihlambi yezinkomo nabantu,
Nin'enadlel'encazeni,
Nin'eniphakel'umyeni odengeleni,
Ngoba ningabenkosi.
Zikode kaNdabansele,
Mabhayi kawalingani nawangaphansi nawangaphezulu,
Mangethe,
Nina bakaVezi Owadl'isihlahla njengengwababane,
Zwane,
Phikela wengwe,
Nselenduna nina basetsheni laseNtshenteka,
Mandaba,
Ukub'uMandaba wayengehlanga phezulu saso buswa ubani?
Zinkomo zakwaLinda ezimhlane ugcwele udaka,
Ezathi zidl'ubhoqo kanti ziyawuhlakulela Ntshosho,
Nina BaseMangweni!


Cebekhulu clan, Cebekhulu clan names. Cebekhulu clan praises, izithakazelo zakwa Cebekhulu 

15 comments:

  1. awu mushoooooooooooooooooooo! ungowakwethu wena wase Ntshenteka

    ReplyDelete
  2. mina isibongo sami ngowakwaHudla but okunye okushiwoyoyo la kukhona nakithi makushiwo bathi singiZwane but am confused

    ReplyDelete
  3. mft osiphe ezakwa SHAZI ithakazelo

    ReplyDelete
  4. Batholakalaphi abakwa Linda. I need a trace of my father surname

    ReplyDelete
  5. Ngicela ungiphe ezakwa MAGUGU

    ReplyDelete
    Replies
    1. Melusi cela ngipha izithakazelo zakwa Magugu if usuzitholile

      Delete
  6. Ehh Cebekhulu Lindamkhnto Nsele

    ReplyDelete
  7. Ewu,kuyathokozisa ukuzizwa seziphelele. Kodwa-ke bengingajabula kakhulu ukwazi ihubo lakithi elihutshwa uma kunemicimbi. ngiyobonga kakhulu kulowo ongangiphendula. Sandile Cebekhulu

    ReplyDelete
  8. Ewu! kwazwe kwamandi ukuzizwa seziphelele. kodwa-ke ngingathokoza kakhulu uma ekhona ongangipha ihubo lesizwe sikaGobeni elihutshwa uma kunemicimbi. Ngiyobonga kuloyo ongangiphendula.

    ReplyDelete
  9. awwww..zwee.. abakwethu labo

    ReplyDelete
  10. Ey wasisho kamnandi❤❤❤❤❤

    ReplyDelete
  11. Cha mina ngicela ngipha umnandi kadube nombonambi kuthi bahlobene yini na

    ReplyDelete
  12. nongalo vundisa mnduzi kamacucu

    ReplyDelete

Total Pageviews