Izithakazelo zakwaKhoza

Izithakazelo zakwa-Khoza

Mlotshwa,
Msuthu,
Mkhathini,
S'phan'abantwana,
Ndlel'ehamb'ekhaya,
Eyanqamula kwaMlandakazi,
Mancencence,
Hlabisa odlulayo,
Ngoba olele akahlatshiswa,uyidla aze ayiqede,
Wena wakaMpahl'emhlophe,
Ingaba bomvu isiyonake,
Ntshingwayo,
Mangena, Mlilo,
Skotana,Mabona,
Nomageja, Sokhabase,
Ntshamase,
Ndlandla!

23 comments:

  1. Oh ngiyabonga kakhulu! Sidinga nje i-website ephathelene nazinto zonke zesintu, ezoba yimboni yolwazi!

    ReplyDelete
  2. Ngithanda ukubonga bhuti...Bengingazazi izibongo zakithi kodwa manje ngiyazi,iNkosi ibe nawe

    ReplyDelete
  3. ngiyabonga ukwazi izithakazelo zakithi ngoba bengidukuza oswini nje ngingazazi ukuthi ngingubani.

    ReplyDelete
  4. Kwaze kwaba mnandi indlela azibekwe ngayo siyabonga bafowethu. Thami khoza

    ReplyDelete
  5. Phila usiphilele khehla siyabonga kakhulu ukwazi ukuthi zihamba kanjani izithakazelo zakithi.

    ReplyDelete
  6. Ngyabonga ukwazi izibongo zakwa Khoza.indoda iyabongelwa

    ReplyDelete
  7. Wow, sikhulu lesisibongo. Ngicela ongachaza Macbeth msuthu, mthiyane. Kungenaphi kulabo Khoza

    ReplyDelete
  8. Mthiyane, msuthu ungena kanjani kanti

    ReplyDelete
  9. Siyabonga ngale website kodwa ekhaya azihambi kanjena izithakazelo kwenziwa yini? Ngoba mina ngingu khoza ugumede kamnisi u mvuleni owafanelwa umsingizane

    ReplyDelete
  10. ngiyabonga ngezithakazelo zakwa-khoza kodwa thina ekhaya uma bethakazela akukho okubhalwe lapha okufanayo thina singo-khoza ncwane malobelo mndimndwane wena owaphangela kobhobhobho wena onomhlane onjengowomntwana manyundela.makukhona onolwazi ngicela engi-email ku-khozam23@gmail.com ngiyobonga kakhulu

    ReplyDelete
  11. Sbonga kakhulu mtaka baba ngoba owanginika wayedlala ngam Edina ngibize abantu abathandwa nguye

    ReplyDelete
  12. Shonini ukuthi isibongo sakwaMlilo songenaphi kulezithakazelo

    ReplyDelete
  13. ngibonge kakhulu ngezithakazelo sezizonke bengingazazi

    ReplyDelete
  14. Khoza Gumede Sombaba onjengenkosi, wena okandlela idlul'ekhaya. Owebhande elide elikekelezela isiPhezi neTshamanzi, onolaka ebantwini..... Mina boKhoza abahle ngiqhamuka eNquthu, ethelezini.

    ReplyDelete
    Replies
    1. Mina ngiwuNdlandla.uMsuthu uMashawushawu.uNdlotana besuthu.basenkalanjane enkande.nasemawusweni

      Delete
  15. Ai cha bandla indaba yalezithakazelo zakwaKhoza ungagcina ususanganelwa ikhanda umuntu nomuntu usho okwakhe nje ngyasola

    ReplyDelete
  16. Ai cha bandla indaba yalezithakazelo zakwaKhoza ungagcina ususanganelwa ikhanda umuntu nomuntu usho okwakhe nje ngyasola

    ReplyDelete
  17. Hai cha khona ziningi ithakelo zakithi ki Khoza,but ngathi kukhona nezomfakela wama vezandlebe phakathi kuzo
    Like oSibisi,Mahlase no Bhovungana angibazi mina Kwa Khoza pls akenisize nisilamulele wezazi Masiko always Zulu,kwenzakalani futhi uhlanganaphi uSibisi no Khoza manje NGO Year 2000?

    ReplyDelete
  18. Mina sengiyadideka ngempela

    ReplyDelete

Total Pageviews