Izithakazelo zakwa Mbhele, Mbhele Clan Names, Mbhele Clan Praises

Izithakazelo zakwa Mbhele, Mbhele Clan Names, Mbhele Clan Praises

Godide,
Mphemba,
Ntuli,
Ndlela kaSompisi,
Sothole,
Gudukazi uyiNcwayo,
Khuboni,
Sompisi owaphemba ngamakhand'amadoda,
Abanye bephemba ngomlilo,
Nina base Lenge,
Enabonakala ngefu lezintuli,
Kwabe kunguSompisi kaGuqa, kaMasalela,
Mazimuzimu enidla'abantu,
Mgwabini wemikhonto,
Umahlatshwa ebuhleni njengethole,
Umagaju njengengwe,
Inhlangu eyeqa iphindaphinda,
Umanxeba angamanxuluma,
Kwasa bemhlaba uGwabini, waphika,
Lang'elaphum'endlebeni yendlovu,
Nyaka wumbe,
Lophum' endlebeni yengwenya,
Unonjiyelwa,
Kulala uhlangothi lubomvu,
Ugodo olumuka namankayiya,
Langa!

Ngcongo clan names | Izithakazelo

Ngcongo clan names are : Phambuka  Nongwadla  Nozishe  Celeshe  Mkhonto obukhali obala amazwane!!! 🙌🏾 Sitholakala eKZN eMkhomazi eM...