Izithakazelo zakwa Sikhakhane, Sikhakhane Clan Names, Sikhakhane Clan Praises

Izithakazelo zakwa Sikhakhane, Sikhakhane Clan Names, Sikhakhane Clan Praises
Mboma kaMqhele,
Mathula,
Nzimase,
Sdwaba esinembobo,
Wena sango elingezantsi,lapho besa khona imilomo,
Wena owangena nesikhuni emanzini sivutha, waphuma naso sivutha,
Wena kaMboma os'hlahla samila edwaleni,
Wena kaSoqhafuza, umlung'odla izinkobe,
Wena nyoka eyacaca emthini ingenazinyawo,
Inkomo esengelwa emeveni ngoba wayisengela ethungeni iyalikhahlela,
Wena okhishwa ngenoni emgodini,
Wena ophatha amakhosi uma esedukuzela,
Wena owahlabana ngokwehlula izinyanga nezanuse,
Wasuka lapho waxhoshiswa ngokaSenzangakhona, ngezinkomo zekhethelo,
Wakhushulwa, awabanankosi, ngoba inkosi yakho kunguNodumehlezi kaMenzi,
Mboma,wena wase Nkandla!
Previous Post Next Post