Zuma

Izithakazelo zakwa-Zuma

Nxamalala,
Mdlovu,
Mafahleni,
Nina baka Lugaju kaMatomela KaShisa,
Mashingizela ashiye impi yakhe,
Dwala elibushelelezi,
Maphum'ephethe inyama ngala, amasi ngapha nobukhosi amasi ngapha nobukhosi phambili!

6 comments:

  1. awu ithi labo... oNxamalala, Jokazi Maphumephethe. Kwavele kwavuk' usinga madoda, kwath' ang'giye ngiqekebuke. Ngilande isihlangu sam ngisibhule ngaphandle nangaphakathi

    ReplyDelete
  2. zuma, nxamalala, msholozi, mdlovu, mafahleni, nina bakalugaju kamatomela mangcengeza kashayankomo.

    shayankomo, nyathi emnyama enyathela ngemikhonto amanye amakhosi enyathela ngezitho.

    abensengwakazi abayisenga bayishiyelela. amaphumephethe amasi ngapha nenyama ngapha.

    abakwandlela zintathu ziya emzini munye. abakwasenza kwenzeke. amahlokohloko adla insimu ayililela.

    abakwampangazitha. amamashingizela ashiye impi yakhe, amadwala abushelelezi.

    mpisi kanovela ehla ngesilulu abafokazana befika ngezinyawo.

    sbhamu esaqhuma ehlathini kwabuya abafazi.

    ReplyDelete
  3. Izibhamu zafika nabelungu shuthi akusenani isibongo esidala lesi

    ReplyDelete
    Replies
    1. izithakazelo into eqhubekayo
      asimejwa

      Delete
  4. Omalume laba, Amahlokohloko lawa adla insimu ayililela

    ReplyDelete
  5. ngaphandle uumuzi wakini musiwaphela

    ReplyDelete

Total Pageviews