Mbokazi

Izithakazelo zakwa-Mbokazi

Donda,
Nxele, Sontuli,
Lwandle aluwelwa,luwelwa zinkonjane,
Zona eziphapha phezul’emafini,
Phangela kobhongo, nakoqhoqhoqho,
Mlamulankunzi ngab’uziyekile, zabulalana,
Hlamukazi kaMdaka, umdaka usezintangeni,
Wen'owephul'umuth’uphekiwe endlini kaMantombase,
Wena kaPhangela, owaphangel’izinkomo zamadoda!

10 comments:

  1. then that mean izithakazelo zakwaMbokazi azifani.. ngoban thina sithi..

    mbokazi, nyoni elihlaza

    ReplyDelete
  2. abanye bathi Magembe....Kodwa thina siyizo izinkonjane

    ReplyDelete
  3. Enter your comment...Bathi Mbuyazi, Magembe,Dube.

    ReplyDelete
  4. Thina sithi Mbuyazi...eyezinkonjane angiyaz

    ReplyDelete
  5. Mina ngaz ukuth Donda hlamukazi kaMdaka lwandle olungawelwa luwelwa zinkonjane kuphela zona eziphaph'emafini

    ReplyDelete
  6. Mina ngaz ukuth Donda hlamukazi kaMdaka lwandle olungawelwa luwelwa zinkonjane kuphela zona eziphaph'emafini

    ReplyDelete
  7. I'm such a disappointment 😢

    ReplyDelete
  8. Ngiyanizwa nithi azefani izithakazela zoMbokazi bakwaZulu. Lalelani ke, kubi kakhulu uma usuziqhathanisa nezomuzi wakwaBhaca. Mina ngingowaseMzimkulu emaBhaceni. Izithakazelo zakithi zihamba kanje: Mbokazi, Jali, Ncamane, Masina, Ngejane, MlamlaNkunzi ngabe uziyekile zabulalana, Ngcwecwe, Masiphula... lunqamuka lapho ulwazi lwami.

    ReplyDelete

Total Pageviews