Izithakazelo zakwa Msane, Msane Clan Names, Msane Clan Praises

Izithakazelo zakwa Msane, Msane Clan Names, Msane Clan Praises

Mtimamnde,
Kunene, Majoka,
Nxaba kaMbhekane owabhekana nokuhlupheka,
Madl'uvalo lwengonyama abanye bedl'olwenkomo,
Mthantathwa,
Mnguni wasOndini,
Wena kaNonqewu,
Wena kaMgobhozi,
Ntetha, Vangisa,
Mageza ngobisi abanye begeza ngamanzi,
Mvuna!
Previous Post Next Post