Ningaphambanisi isiZulu

Want a t-shirt or hoodie with your clans? click here to make your order on Whatsapp

Iyahlupha lento yokuthi abantu bazame ukushintsha inkulumo yesiNgisi bayise esiZulwini njengoba injalo.

Namuhla sekuyaye kuthi uma kukhona umuntu noma umndeni oshonelwe ilunga lawo okanye isihlobo sawo, uzwe abantu bethi, “Ngiyaxolisa ngokulahlekelwa kwakho”. Lo mkhuba ususelwa enkulumeni yesiNgisi ethi , “I’m sorry for your loss”, bese abantu beyiguqula njengoba injalo bayise esiZulwini.

NgokwesiZulu umuntu oshonelwe uyakhalelwa, aduduzwe, hhayi ukuthi kuxoliswe kuye.
Uze uxolise nje ubulawe uwe yini lo muntu oshonile?
Uma umuntu exolisa usuke ecela uxolo. Uma usushilo-ke wathi, “Ngiyaxolisa ngokulahlekelwa kwakho”, kumele aphendule athini-ke lo okuxoliswa kuye (oshonelwe)? Athi, “Ngiyakuxolela”?

Yekani ukuphambanisa izinto ngoba nizama ukwenza eniyaye nikubone kwenziwa ngabezinye izizwe. Umuntu oshonelwe mduduze, umqinise idolo, uyeke ukuxolisa into ongayazi.
Previous Post Next Post