Izithakazelo zakwa Nyembe, Nyembe Clan Names, Nyembe Clan Praises

Izithakazelo zakwa Nyembe, Nyembe Clan Names, Nyembe Clan Praises

Ncamane,
Skhandisa samakhosi,
Thwala lomzimkhulu,
Mnyamande,
Mkhont'oduma njengezulu,
Ithala lomkhonto lisemaNyamandeni,
Nhlangothi zimanxebanxeba,
Wena kaMlamulankunzi ungaziyeki zibulalane,
Wena kaSiwela owawela umfula ngesilulu,
Mnyango kawuvalwa, uvalwa ngamakhand'amadoda,
Ntshivakazi engenampondo,
Bhijela wamaMbane,
Sakade kaGemane,
Gemane kaSiwela,
Nzilagazi!

Izithakazelo zakwa Mbingo | Mbingo Clan Names

Izithakazelo zakwa Mbingo | Mbingo Clan Names  Mbingo Msuthu , wena olandela ilanga maliyoshona eMancubeni, mzilankatha . Nkatha ayingeni ek...