Izinkondlo: Ngiyindodana Yakwa Zulu

Want a t-shirt with your clans? click here to make your order on Whatsapp

Izinkondlo: Ngiyindodana Yakwa Zulu

Ngiphume amehlo asebuthuntu,
Bekusanenkungu ilanga lingakaphumi,
Ngibhule amazolo kusaheleza imimoya ehlanzekile,
Ngaye ngalunguza ngaphesheya kwezintaba,
Ngalanda injabulo yezinyoni ezintathatha,
Zihlabelela ngemilozi zikhwezel' uhlonze,
Ngabhek' emasimini kwavuleka amathemba,
Umbila ukhahlele sizodla kahle ngoZibandlela,
Abadala bayivulil' indlela bawuzwil umyalezo wamakhandlela,
NgingowakwaZulu mina ngiphila nabezizwe,

Ezweni ngimuncinyane njengendodana engumagcina kwayo,
Ngiyalelwe indlela ngatshelwa ngezindlela zokuphila,
Nganikezwa isihlangu semfundo kwathiwa angisifumbathis' okwezikhali zamaTungwa,
Ngiyoshaya ngaso kwenzeke imilingo njengenduku kaMozisi,
Nalapho ngishaya zephukela base bethi angiyophatha ibhayibheli,
Uma zingibopha izinkinga zakwamhlaba ngizobe sengibheyilela umphefumulo ngomthandazo,
Ngiyindodana kamama ngivela kwaZulu mina ngiphila nabezizwe,

Ngimuncinyane ngingangohlamvu lomhlabathi emhlabeni,
Ngiyisithombe esinyakazayo sikhulume siphefumule,
Ngihlanganiswe ngamathambo nenyama nomphefumulo,
Suku nosuku ngibona okuhle nokubi,
Ngifunda mihla namalanga okusha,
Ngiyakhula ngyaluleka ngibe mude,
Ngizalwe ngingakwazi okuningi,
Ngaqala ngakhasa ngasukuma ngacathuza,
Namhlanje ngiyahamba futhi ngiyakhuluma,
Nyaka nonyaka ngiba mdala ngonyak' owodwa,
Emuva bekukuhle ngisaphathwa,
Nginceliswa ngigezwa ngigqokiswa,
Emlonyeni ngimumath' inkohliso,
Namhlanje konke lokho sekwaba inganekwane yobungane,

Ngikhulile ngomqondo ngethambo ngaluleka,
Bengiyichwane lesikhukhukazi ebesingiphandela,
Saye sakhathala kwaphoq' ukuba angivule amazipho,
Ngithath' ihalavu ngilihlom' ehlombe ngihlasel' ensimini ngiyohlonz' okuya ngasethunjini,
Nakhona liyashon' ihalav' umanz' umhlabathi,
Emuva balindele ukuba iyaphel' inyang' ephezulu,
Ubhut' uzodilika namancamnce ezoxosh' ikat' eziko,
Ngibambelel' esihlagwini sami ngiyofa naso,
Njengente ephundlwa isomiso ifele othini,
Ke mina ngiyofika ngithini ekhaya,
Bangilindile ngamehl' abomvu,
Botha umlilo baz' ukuthi ngiza nebhodw' elicons' amafutha,
Ngizoba nabo langa linye,
Ngizobaxoxela ngezamaNgisi naMabhunu,
Ngiyindodana yakwaNdlela zimhlophe KaMalandeka,
NgingowakwaZulu kaMageba,

Ngokwenzeka kwezinto hleze ngigcine ngingabuyanga,
Uma kwenzek' umhlaba ungimumatha ungenza mathamb' amhlophe,
Ngiyokubavakashela ngamaphupho bonke ngozalo lwakithi,
Ezindleleni abahamba kuzo ngiyokuba ibika,
Ngiyokuba imbilisi yesiqatha emvubelweni yegumulo likagogo,
Ngiyoba inziki kumancishana onesitshodo abayosiphuza ngomholo wezalukazi,
Ngiyoshuqa emalahleni amantshontsho azobe eshiswa,
Ngibe umlotha abayowulahla emva kwendlu kaguqa sithandaze,
Lapho bephahl' ngelotha bayongibutha nomhlabathi nami,

Bayede!

Previous Post Next Post