Sawubona, hello.
This blog is mainly about keeping a record of clan names, clan praises & their origin and history.
How you can participate? We have recently allowed you, our dear blog visitor, to add your own knowledge of your culture & history. To do so, Click here.
Imibandela nokumele ukwazi ngaphambi kokusebenzisa le-blog:
izithakazelo.blog iqukethe ulwazi lwezithakazelo kanye nomlando ikakhulu wabantu baseNingizimu Afrika kanye namanye amazwe aseAfrika. Sisebenzisana ngokuhlanganyela nanoma ubani okhuthalele ukugcina ulwazi lwethu singama-Afrika.
Ngakho-ke, le-blog ivumela noma ubani one-inthanethi ukuthi afake ulwazi analo ngomlando noma izithakazelo zesibongo esithile.
Sicela wazi ukuthi ulwazi oluqukethwe lapha aluzange lwabuyekezwa yizazi-mlando.
Ngakho-ke ngeke sithweswe icala nganoma yiluphi ulwazi oluqukethwe lapha okungenzeka ukuthi aluphelele noma alulungile.
Lokho akusho ukuthi ngeke uthole ulwazi olubalulekile nolunembile; isikhathi esiningi uzoluthola. Nokho, izithakazelo.blog ayikwazi ukuqinisekisa ubuqiniso bolwazi olutholakala lapha ngaso sonke isikhathi.
Inqubo yokushintsha ulwazi oluqukethwe lapha:
Wonke umuntu ovakashela le-blog kumele ahlolisise ulwazi ukuthi lulungile futhi lushaya esikhonkosini - kumele afunde imibono (comments) yabanye abantu ngezansi kwalolo lwazi, azwe ukuthi nabo bayavumelana nalo noma bayaluphikisa.
Sesiphetha, uma-ke kunolwazi olubonile lapha olungashayi khona, sicela usazise ngokushesha khona sizolubhekisisa bese senza okufanele. Sazise ngokuthi ufake ikhomenti ngezansi kwalololwazi ofisa lulungiswe.
Wonke amakhomenti afakwayo kule webhusayithi, siyakhona ukuwabona nokuwaphendula ngokushesha.