Inhliziyo yenu mayingakhathazeki NgokukaJohane 14


 Inhliziyo yenu mayingakhathazeki NgokukaJohane 14

1 “Inhliziyo yenu mayingakhathazeki. Kholwani nguNkulunkulu, nikholwe nayimi. 2Ekhaya likaBaba kukhona izindlu eziningi; uma bekungenjalo, bengiyakunitshela ukuthi ngiya ukunilungisela indawo. 3 Nanxa ngiya nginilungisela indawo, ngobuye ngize, nginibuyisele kimi ukuba lapho ngikhona nibe khona nani. 4Nalapho ngiya khona niyayazi indlela.”
5UTomase wathi kuye: “Nkosi, asazi lapho uya khona; siyazi kanjani indlela na?”
Previous Post Next Post