Mhlongo

Izithakazelo zakwa-Mhlongo

Makhedama,
Soyengwase,
Nina bakaBhebhe kaMthendeka,
Nina bakaSoqubele onjengegundane,
Nina baseSiweni,
KwaMpuku yakwaMselemusi,
KwaNogwence webaya,
Dlomo weNdl'ende,
Sihlangu samavaka seswel'ababhemu,
Wen'owalala nomunw'endunu, wavuka wawuncinda wawukhomb'ilanga,
Makhul'emini abafokazana bekhul'ebusuku,
Zingwazi zempi yakwaNdunu,
Njoman'eyaduk'iminyakanyaka,
Yatholakal'onyakeni wesine,
Yabuye yatholakala ngowesikhombisa,
Langeni,
Owavel'elangeni!

18 comments:

  1. Sawubona Mandiana, jut ukuqonda nje...abanye bathi oMhlongo bango Bhebhe kaMthendeka; yena owabhebhele intombi etsheni ngoba esab amazolo, njalo-njalo...kuhluka nini uma unalo ulwazo? From u Luther Mkhize(Nzama)

    ReplyDelete
  2. then can you please complete it

    ReplyDelete
  3. Aziphelelanga izithakazelo zakonjomane

    ReplyDelete
  4. ukulala nomunwe endunu ai cha amanga

    ReplyDelete
    Replies
    1. Bafaka izinto ezingekhokho wena mft, babulala umlando

      Delete
    2. Ayy ukulala nomunywe endunu okwaka Mathonsi akungeni lana

      Delete
  5. Yaduka iminyakanyaka yatholakala ngowesinti

    ReplyDelete
  6. Kanti yaduka kangaphi injomane uma izotholakala ngowesine iphinde itholakale ngowesikhombisa?

    ReplyDelete
  7. For sure lezizithakazelo azibhalwanga umuntu wakwa Mhlongo coz I can pick so many incorrect things la, phela ngingowakhona

    ReplyDelete
    Replies
    1. Bayasidida singomakot bako Njomane sizothopha obaba ngamanga sihlabgane nezimbila zithutha

      Delete
    2. Bayasidida singomakot bako Njomane sizothopha obaba ngamanga sihlabgane nezimbila zithutha

      Delete
    3. Is mshengu part of njomane ?

      Delete
  8. Lezi zithakazalo azibhalwanga umuntu wakwaMhlongo

    ReplyDelete
  9. Can someone please help...angisati sinanatelo saka mhlongo. Ngisitukulu sakhona please help

    ReplyDelete
    Replies
    1. 0810600333 SA number on WhatsApp also

      Delete
  10. Uqinisile wena kaBhebhe zabhalwa yivezandlebe noma ishangane elathenga isbongo sethu siwoMakhedama oSeyengwase , bahlulwa yini ukubuza kithi bakhona agga iyanginyanyisa lento buka nje uhlulwa ngisho ukuthi singabaseMhlathuze sis. From Njomame umfowabo wenkosi yabaHlongo eNdulinde Mandeni

    ReplyDelete
    Replies
    1. Cela ukubuza kuthi zithini angzazi zonke

      Delete

Total Pageviews