Izithakazelo zakwa Mpungose, Mpungose Clan Names, Mpungose Clan Praises

Izithakazelo zakwa Mpungose, Mpungose Clan Names, Mpungose Clan Praises
Khuba,
Tetemane,
Wena wephahla elinhlokonhle,
Gawozi,
Sgquma ndawonye njengengulube,
Mnukwa,
Phungul'uyasindwa,
Nyoni esindwa sisila sayo,
Slwane,
Wena wendlov'enamandla abayishaya baze bayishiya amasende bethi ifile kanti iyaphila,
Yaqhubeka yabandisa abantu,
Mabhala ngozipho abanye bebhala ngosiba,
Magadlela,
Somvumasi!
Previous Post Next Post