Usufikile uDisemba, yenza nje mtaka-baba...

Inkathi yemikhosi iyisikhathi esijabulisayo sokuzijabulisa, kodwa futhi ngokuvamile isenza sisebenzise imali ngokuxhamazela. Nakuba sizibheke ngabomvu izipho namaholidi ethu, isipho esingcono kakhulu esingasinika thina nemindeni yethu kulesi sikhathi samaholide siwukwenza izinqumo ezinhle zezimali. 

Sithanda ukuchitha budedengu ngoDisemba sithenga izinto ezingenasidingo, okufana nokulahla imali. Indlela osebenzisa ngayo imali ngoDisemba iyona ezonquma inkambiso yakho yezezimali onyakeni omusha. Qaphela ngaso sonke isikhathi lapho ulingeka ukuba uthenge izimpahla ezingase zikubone ucwila ezikweletini izinyanga noma ngisho neminyaka. 

Yenza ibhajethi

Isinyathelo sokuqala sokuqinisekisa ukuthi usebenzisa imali ngokuhlakanipha kulesi sikhathi samaholide siwukwenza isabelomali esinengqondo. 

Kumele uthembeke kuwena ekutheni uchitha malini hhayi ocabanga ukuthi ungayisebenzisa. Isabelomali sakho kufanele sikuqondise ekusebenziseni imali ngendlela efanele ngoDisemba nangoJanuwari. Qala ngokubeka phambili izindleko zakho zokuphila njengerenti/ibhondi, ukudla, izibani namanzi, umshwalense, izikweletu, imali yesikole, izinto zokubhala kanye nomfaniswano wesikole. 

Ngaphezu kwezindleko zakho zokuphila kwansuku zonke kanye nesikweletu, udinga ukusho ngokucacile ukuthi yini etholakalayo yezipho, uhambo nokuzijabulisa phakathi nesikhathi samaholidi. Uma uhlela ukuya eholidini, ungazishiyi izinto kuze kube umzuzu wokugcina. 

Bhukha ngokushesha ngangokunokwenzeka ukuze uthole indawo yokuhlala, izindiza, izitimela noma uhambo lwebhasi. Ungathola inani elingcono lokubhuka ngaphambi kwesikhathi futhi uzozisindisela ingcindezi nezindleko zokuthatha noma yini etholakalayo ngomzuzu wokugcina. 

Amacebiso okusebenzisa imali ngokuhlakanipha ngalesikhathi

  • Gwema ukuthenga ngokuthatheka njengezipho ezibizayo ongazange uzibekele isabelomali. Melana nalezo zimpawu ze-SALE. 
  • Khawulela ukuvakasha kwakho enxanxatheleni yezitolo. Uma ungazange wenze ibhajethi yohambo lwesizini yamaholide, hlala ekhaya. Ziningi izinto ezimnandi ongazenza edolobheni lakho. 
  • Uma unenhlanhla yokuthola ibhonasi, khokha esinye sesikweletu sakho (esinenzalo ephezulu kuqala). 
  • Uma ungazange wonge, ungaboleki ukuze usebenzise. Esikhundleni sokujabulisa abangani endaweni yokudlela ebizayo, kungcono wenze i-braai ekhaya bese ucela izihambeli ukuthi zifake isandla ngamasaladi neziphuzo. 
  • Zibekele inani lesipho somuntu ngamunye ukuze ulandele indlela osebenzisa ngayo imali. 
  • Izipho akufanele zibize – wumcabango obalulekile. 
  • Ungenzi izinguquko ezimangalisayo emaphethini akho okusebenzisa ngesikhathi samaholide. 
  • Zama ukugcina iphethini yakho evamile yokusebenzisa imali. 
  • Jabulela isikhathi samaholide futhi uphephe!

Bayede!

Previous Post Next Post